UMNTWANA uPhumzile Buthelezi, iNkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, noMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, nesitifiketi sedlinza lowayengundunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, njengendawo yokugcina amagugu esifundazweni
Image: IHHOVISI likaNdunankulu/ Zandile Shange
IDLINZA lowayengundunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, lethulwe njengendawo yokugcina amagugu yesifundazwe. Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, neNkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi, yibona abalivule ngokusemthethweni
Image: IHHOVISI likaNdunankulu/ Zandile Shange
UHULUMENI waKwaZulu-Natal ufuna ukuthi idlinza lowayengundunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ligcine liyindawo yokugcina amagugu yomhlaba ukuze umhlaba wonke uzofunda ngomlando kaButhelezi.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, izolo, ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zokwenza idlinza likaButhelezi indawo yamagugu yesifundazwe, KwaPhindangene, eMahlabathini.
UNtuli uthe ukuthathwa kwedlinza likaButhelezi njengendawo yokugcina amagugu yesifundazwe bekuseyisiqalo nje.
Uthe bafuna ukuthi kulandele ngokuba idlinza likaButhelezi libe indawo yokugcina amagugu kazwelonke.
"Sinethemba lokuthi uhulumeni kazwelonke uzoweseka umbhidlango wethu wokuba idlinza likaButhelezi libe indawo yokugcina amagugu esigabeni sikazwelonke. Ekugcineni sifuna ukuthi idlinza likaButhelezi libe indawo yokugcina amagugu yomhlaba."
Uthe: "Lokho kuzokwenza ukuba kufike izivakashi lapha zizofunda ngomlando kaButhelezi. Ukufika kwezivakashi kuzofukula umnotho walapha. Eqinisweni nje namhlanje bekuseyisiqalo nje. Uhlelo lwethu luzokuba izigaba ezintathu."
UNtuli uthe kumfanele uButhelezi ukuhlonishwa esigabeni somhlaba ngenxa yamagalelo abe nawo.
Uchithe labo abathi uButhelezi uhlonishwa ngalolu hlobo ngenxa yokuthi wasungula i-IFP okuyiyona ehola uhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
"UShenge wahlonishwa ngisho nangamanyuvesi aphesheya. Labo abaphikisa ukuhlonishwa kwakhe kusho ukuthi baphikisa nokuhlonishwa kwakhe ngamanyuvesi aphesheya. Imisebenzi yakhe izikhulumela yona ngoba isiqu sakhe asilingani nepolitiki. Ube undunankulu kaZulu ngaphansi kwamakhosi amathathu. Walwela amakhosi. Uwumdondoshiya ohambe uhambo angaluqalanga esekwi-IFP, okuyiqembu alisungula. Waqala uhambo lwakhe esekwi-ANC. Manje umlando wakhe uyaphoqa ukuthi ugcinwe ukuze sikwazi ukufunda."
Uthe: "Awu ngiyaphinda ngithi ntaba zaMahlabathi nilondoloze okukhuku, inqabakuthola kaZulu. Ifagugu lethu KwaZulu, eNingizimu Afrika nase-Afrika. Yikho njengohulumeni waKwaZulu-Natal sithi uShenge aphile ungunaphakade, empilweni yethu, kuzenzo zethu nalapho siqhuba inkonzo yesizwe. Namuhla siqopha ukuthi nembala ulifagugu lethu sonke. Ngakho ngoba ubeyisimanga sezimanga ngesethu isikhathi."
UNtuli uthe baningi abantu abazozuza ngohlelo lokuhlonishwa kukaButhelezi.
"Uma kwenziwa indawo yamagugu kusuke kungachithwa imali, kusuke kwenzelwa abantu. Imali esetshenziswe lapho ngeke iqhathaniswe nokuzozuzwa abantu."
Umcimbi wokuhlonipha uButhelezi ubuhanjelwe abantu abaqhamuka emikhakheni eyehlukene okukhona kubo abantwana baseNdlunkulu, amakhosi nabaholi be-IFP.
Related Topics: