Izindaba

Izeluleko ngolwezindlu zomxhaso ezidayiswa abanye behleli phakathi

Zimbili Vilakazi|Published

KWELULEKWA abantu ngabadayisa izindlu zomxhaso kukhona abahleli kuzona

Image: KZN Human Settlements

AMAFULETHI omxhaso aseCornubia eThekwini

Image: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)

IZIHLOBO ezisele ngemuva kokudlula emhlabeni komzali obengumnikazi womuzi womxhaso, obebhalwe etayiteleni, kubalulekile ukuthi zisukume ziyilungise ngokushesha eyokuthi ubani osezothatha izintambo ngokusemthethweni. 

Lesi yiseluleko sommeli onolwazi olunzulu ngokudayiswa kwemizi, uMnuz Ayanda Mkhwanazi, wabameli iMK Attorneys eThekwini.

UMkhwanazi ukhiphe alolu lwazi, kulandela izigameko ezimbalwa lapho Isolezwe libike ngokudayiswa kwemizi yomxhaso, izihlobo ezihleli ngaphakathi zingazi lutho ngalokho.

Phakathi kwalezi zigameko, kukhona esenzeke kwa-F KwaMashu ngasekupheni kukaJulayi 2025, lapho umndeni wakwaMchunu waphunyuka ngembobo yenaliti, indlu yomxhaso eyasala kushona abazali, ishiswa abathile.

Kusolwa ukuthi yashiswa wumnikazi omusha, okuthiwa wayithenga kwesinye isihlobo, okuthiwa yiso esabe sesibhalwe etayiteleni. 

Abagilwa batshela leli phephandaba ukuthi kwenzeka lesi sehlo nje babesanda kukhonjwa ngezibhamu abantu abangabazi, abagasela kulo muzi babatshela ukuthi bazobabulala uma begoloza ukuphuma endlini esikhokhelwe futhi esinomnikazi omusha.

Kwesinye isigameko, esenzeke khona kwa-F KwaMashu, ngawo uJulayi, emndenini wakwaMlambo kwafika ummeli eyoxoxisana nezihlobo ebezihleli endlini esineminyaka yadayiswa, ukuthi uma ziqhubeka nokunqaba ukuphuma, udaba seluzongenelelwa yisikhonzi senkantolo. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, lo muzi wadayiswa yisihlobo esasicelwe ukuthi asigade izingane ezazisencane, kulandela ukushona komzali, owayengumnikazi womuzi. 

Kuvela ukuthi lesi sihlobo sakhwabanisa ubunikazi bawo, sabufaka egameni laso, kwahamba iminyaka, sawudayisa umuzi ngo-2012.

Kuphinde kwavela ukuthi umnikazi wawo omusha ubelokhu ezama ukukhipha abahlala kuwo kusukela ngawo u-2012 kodwa bengavumi, bethi ngeke baphume endlini yomndeni.

UMkhwanazi uthe ukugwema izinkinga ezifuze lezi, abazali abaqinisekise ukuthi babhala incwadi yokwabiwa kwefa, ukuze uma beshona kungabi khona ukudideka.

“Incwadi yamafa ilungisa izinto eziningi, iqede ukuqagela ngoba isuke ibeka zonke izinto ngononina,” kusho uMkhwanazi.

Uthe uma kwenzekile abazali bashiya bengambekanga umuntu ozothatha umuzi uma bona bedlula emhlabeni, izingane zabo kufanele zibe nomhlangano masinyane uma umninimuzi eshona, noma ngemuva komngcwabo.

“Izihlobo azihlale phansi, zibonisane ukuthi ubani okufanele athathe izintambo. Kube yisinqumo esithathwa kuvunyelwene,” kusho uMkhwanazi.

Uthe lokhu kungalekelela ekutheni kugwemeke ukuthi kube khona ingane eyodwa ezohlakaniphela ezinye,  iyozibhalisa yona ukuthi umuzi sekungowayo ngoba abazali abasekho.

Uqhube wathi kuyalekelela nokuthi uma abazali besaphila, bahambe bayoqinisekisa eMnyangweni wezaseKhaya ukuthi zonke izingane zabo ziyavela yini ngaphansi kwabo kwenzelwe ukuthi uma beshona, i-Master of the High Court, isheshe ibone ukuthi umufi kahle hle unezingane ezingaphezu kweyodwa. 

“Kwezinye izikhathi uthola ukuthi ingane ivele iwudayise umuzi, ithi izelwe yodwa kanti eqinisweni zikhona ezinye zakwabo,” kusho uMkhwanazi. 

Uthe zikhona izindlela zokuzama ukulungisa lo monakalo yize ezinye zazo zingelula.

Uthe indlela yokulungisa umonakalo wukuya enkantolo, okushaya abaningi ngoba kudla ephaketheni. 

“Isinyathelo sokuqala wukufaka isikhalazo kwa-Master of the High Court, usho ukuthi uyiphonsela inselelo indlela okwaphuma ngayo incwadi yegunya (letter of authority) kulowo osuke esethi umuzi usungowakhe yedwa."

Uthe:“Uma kuze kwashintshwa itayitela, kufanele baye eNkantolo eNkulu bayochaza ukuthi kwenzeka ubukhoshosho. Uma indlu ingaphezu kukaR400 000, uya eNkantolo eNkulu, uma ingaphansi uya eNkantolo yesiFunda ngoba ihhovisi lamatayitela aliyishintshi itayitela ngaphandle kokuyalelwa yinkantolo.” 

Uveze ukuthi uma itayitela lishintshwe ngenxa yokuthi umuzi usudayiselwe umnikazi omusha, leli hhovisi alikwazi ukusheshe libone ukuthi kukhona okushaya amanzi ngamaphepha elisuke liwanikwe wummeli.

Uthe liye lithembele ekutheni ummeli usuke enze umsebenzi wakhe ngokwethembeka, njengoba esuke esebenza ngamaphepha afungelwe.

“Uma inkantolo ivumelana nalo osuke efake icala, usuke esengasivulela isihlobo sakhe icala lokukhwabanisa, aphinde avulele ummeli icala, kwi-Law Society of South Africa, (inhlangano ebheka ukuziphatha kwabameli) ukuthi ube budedengu ngokungaqinisekisi ukuthi ikhasimende lakhe lenze ubugebengu,” usho kanje.

Uphinde waveza nokuthi enye into edala ukuthi kwande izinkinga ezifuze lezi ikakhulukazi ngezindlu zemixhaso ezakhiwa ngeminyaka kahulumeni wobandlululo, yindlela umasipala owasingatha ngayo uhlelo lokubhaliswa kwazo kabusha.

“Umasipala wawuvele uthumele izisebenzi zawo ukuthi ziye emakhaya lapho kwakhiwe khona lezi zindlu ziyobhalisa kabusha ubunikazi. Uthole ukuthi uma zifika, zifica isihlobo esisodwa, ezinye zisemsebenzini, kuvele kubhaliswe sona,” usho kanje.

Uthe kokunye, lowo owayeficwa ngaleso sikhathi kwakutholakala ukuthi uxabene nezinye izihlobo, avele azibhalise yedwa, elaya abakwabo.

“Uma efa lowo muntu, ingane yakhe ithi umuzi womzali wami lo, bese ixosha wonke umndeni,” kusho uMkhwanazi.

Uthe lolu hlelo kwakufanele lwenziwe ngokuthi kuphinde kubuyelwe emabhukwini, kuyobhekwa ukuthi abazali babebhalise ukuthi banezingane ezingaki.

“Kuthi uma lezi zisebenzi zikamasipala seziya kulama khaya, zifike zibhekisise ukuthi kwenzekani ngazo zonke izingane ezibhalwe phansi,” usho kanje.

Kulabo abazithola bethenga imizi ‘enokukhuluma’, ubayalele ukuthi kufuneka baqale bazenzele olwabo uphenyo ngaphambi kokuba baze bathenge lowo muzi abasuke bedayiselwa wona.

Uthe olunye lwalolu phenyo bangalwenza eMnyangweni wezaseKhaya, ngokubheka ukuthi umuntu owudayisayo akazalwa namuntu yini.

“Bangabuye babheke nakwi-website yoMnyango woBulungiswa ukuthi buthini ubunikazi bomuzi abadayiselwa wona, babheke nakuMaster of the High Court ukuthi awunawo yini umbango,” usho kanje.

Udalule ukuthi abehlulekayo wukuzenzela ngokwabo lokhu, bangacela usizo lwabameli bakahulumeni,abasebenza ngaphambi kwenkokhelo noma bavakashele amanyuvesi anezifundo zomthetho, athe avame ukuba nawo amahhovisi asiza umphakathi mahhala ngalezi zinto.