IMEYA yoMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba
Image: eThekwini Municipality / Facebook
UMASIPALA weTheku usuzishayele ihlombe ngokuqoqa imali ewuR1 billion ngohlelo lawo lokuqoqa izikweletu kwizakhamuzi zakuleli dolobha, futhi onhloso yalo wukuzisiza ukuthi zehlise umthamo wazo wezikweletu ukuze zikwazi ukuphila ngokukhululeka.
Lokho kushiwo yiMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, lapho edalule khona nokuthi phakathi kwaMeyi noJuni baqoqe cishe u-50% wezikweletu, okufakazela ukuzibophezela kwabo ukwehlisa umthwalo wezikweletu kwizakhamuzi.
“Umbiko wethu walolu hlelo ophume kuleli sonto usivezele ukuthi umasipala uqoqe uR1 billion wezikweletu, kanti futhi okunye okusemqoka wukuthi ngenxa yalokho kusizakale izakhamuzi ezingaphezu kwa-18 000 ezithwele kanzima ngenxa yezikweletu, okusize ukuthi kwehle umthwalo nokukhombisa ukuthi siwuhulumeni oshisekela ukusiza amakhasimende ethu ukuthi aphile impilo engenazo izikweletu ezandisa izindleko,” kusho iMeya.
Eqhuba, uthe bazibophezele ukuqhubeka basize amakhasimende abo ukuphila ekhululekile ngokuthi akhokhele izindleko zezinto azisebenzisayo.
“Lolu hlelo luhlose ukusiza ukuthi amakhasimende ethu abexinwe kakhulu yizikweletu ngenkathi kuqala lo nyaka, okuthi uma ikhasimende selikhokhe uhhafu wesikweletu saso, bese umkhandlu uyayesula le ngxenye esele. Ukwengeza kulokho, ikhasimende libe sekumele ukuthi likhokhe sonke isikweletu esiphakathi kwaFebruary kuya kuJuni. Amakhasimende asuke engakwazanga ukuqedela isikweletu sawo emva kwaJanuwari 31, avunyelwe ukuthi angene ohlelweni lokusiqedela zingakapheli izinyanga eziyisithupha futhi bangenzi lutho olunye oluyisikweletu ngaleso sikhathi,” kusho uXaba.