Isassa nezinguquko zokugwema inkohlakalo
Image: Sassa
Okhulumela abakwaSASSA, uMnuz Paseka Letsatsi, uthi kusukela ngoSepthemba 1 bazoqala ukusebenzisa uhlelo olusha lwezigxivizo zeminwe nolokubona ubuso kulabo abathola izibonelelo zikahulumeni kwaSASSA ukuze kunqandwe umkhonyovu. Uqhube wathi abasebenzi bazosebenzisa i-biometric system ukuze bangene esikhundleni sama-password ngoba kudlula ukuba bawanikeze abantu, kwande inqubo yokukhwabanisa.
Ngokusho kuka-Andile Tshona wale nhlangano, ukubhaliswa okusha kwebhayomethrikhi kulindeleke ukuthi kuhlalise obala imikhonyovu eyenzeka ohlelweni lwezibonelelo zakwaSassa, phakathi kokunye.
UTshona uthi inyanga ka-Agasti isetshenziselwe ukuqeqesha ngezinto ezihamba phambili ukuze kuqinisekiswe ukulungela kanye nokuqaliswa ngempumelelo kokubhaliswa kwe-biometric.
"I-Sassa ijabule kakhulu ngokwethulwa kokubhaliswa kwabahlomulayo ngama-biometrics, kuwo wonke amahhovisi ayo ezweni lonke kusukela ekuqaleni kukaSepthemba. Lolu hlelo kuthiwa luthuthukisa izinhlelo zezibonelelo zikahulumeni futhi lunqande noma yiziphi izenzo zokukhwabanisa. Luzophinde lulawule ukuthuthukiswa kokulawula ubungozi, lube negalelo ohlelweni oluphephile nolunomthwalo wemfanelo, kuyilapho izikhungo ziqinisekisa ukuthi umuntu ngamunye uthola isibonelelo sikahulumeni. ingqalasizinda edingekayo namathuluzi, kuwo wonke amahhovisi ayo ezweni lonke,” kusho uTshona.