Izindaba

Kushaqwe inqwaba yezibhamu ezinkampanini zonogada

Nonkululeko Nhlapo|Published

Izibhamu ezishaqiwe ezinkampanini zonogada ezizimele ngokwephulwa imiithetho eyahlukene.

Image: SAPS

Ithimba likazwelonke kophiko elizingela impahla eyebiwe elisebenza ngaphansi yohlelo i-operation Buyisa liphume umkhankaso wokuqoqa izibhamu ezingekho emthethweni ezinkampanini zonogada.

Lishaqe izibhamu ezingu-226 ezinkampanini zonogada ezizimele ngokwephulwa koMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu, ka-2000 (uMthetho 60 ka-2000). Umthetho ubeka izibopho eziqinile kubanikazi bamalayisensi ukuqinisekisa ukuthi zigcinwa ngendlela efanele, ziphathwa ogunyaziwa futhi abaziphathayo bayazibophezela ekulandeleni umthetho.

NgokweSigaba 120(1), kuyicala ukwenza lokhu:

– Ukuphulwa noma ukuhluleka ukuhambisana nanoma yimiphi imigomo yooMthetho;

– Ukwephulwa kwemibandela yelayisensi, imvume yokusebenza isibhamu 

- Ukunganaki noma yisiphi isaziso esisemthethweni noma imfuneko ekhishwe ngaphansi koMthetho.

Amaphoyisa eqhuba uphenyo ngezibhamu ezitholwe ezinkampanini zonogada ezizimele

Image: SAPS

Ithimba lishaqe izibhamu ezilandelayo ezibhaliswe egameni lenkampani yonogada kulandela uphenyo oluqhutshwa uphiko lwezobunhloli:

Krugersdorp, GP – kushaqwe izibhamu ezingu-204 zenkampani yonogada, kukhona nezimbili ezingekho emthethweni, kuboshwe umuntu oyedwa.

 Lephalale, LIM – Kutholakale inhlokohlela eyodwa iphethwe umuntu ongagunyaziwe.

 Booysens, GP – Kutholakale izibhamu ezintathu ezisenkampanini yonogada ngokungafanele.

 Makhado, MP – Izibhamu ezingu-11 zigcinwe ngokungafanele, esinye salezizibhamu sinezinhlamvu kanti amagobolondo aso atholakale ehlathini.

 Dirkiesdorp, MP – kushaqwe izibhamu ezinhlanu konogada abebeziphethe budedengu futhi beziqhumisa emphakathini.

 Randburg, GP – Kutholakale isibhamu esisodwa eziyamaniswa necala lokuzama ukubulala amaphoyisa elenzeka ngo-2016.

Seziphelele zingu-226 izibhamu ezishaqiwe, kanti nezingu-377 ezibhaliswe yinkampani yonogada kodwa azingaziwa ukuthi ziphi. Kukhishwe isaziso ngokweSigaba 106 esiphoqa le nkampani ukuthi yethule lezi zibhamu ezingakatholakali. Kuvele ukuthi Isebenza ngaphansi kwamagama amaningi okuhweba, ikheli lokugcina impahla elibhalisiwe lenkampani nalo liyinto engekho.