Shadrack Sibiya
Image: Chris Collingridge
UKHOMISHANA wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, uthe bazohlangana enkantolo nePhini likaKhomishana, uLieutenant General Shadrack Sibiya, amhlabisa ikhefu.
USibiya uyalele uMasemola ukuba ambuyisele esikhundleni, ngale kwalokho bazohlangana enkantolo.
Lokhu kuvele encwadini ebhalwe ngabameli bakaSibiya, i-iRan Levit Attorney. Laba bameli bakhale ngokuthi kunemithetho eyinqubomgomo engazange ilandelwe ngaphambi kokuba amiswe uSibiya.
Le ncwadi ebhekiswe ngqo kuMasemola ibhalwe ngoLwesithathu. Abameli bakhala ngokuphoqwa kukaSibiya ukuthi ahambise iziphakamiso mayelana nokumiswa sekuvele kwenzekile.
“Ikhasimende lethu lisinikeze umqingo obubhalwe ukuthi kunezinhlelo zokuthi limiswe eliveze ukuthi liwuthole ebusuku ligamenxe ihora lesishiyagalombili ngoLwesithathu,” bechaza.
Abameli bakaSibiya bathe lawa maphepha kuhloswe ngawo ukuthi kubizwe ikhasimbende labo, eselivele limisiwe emsebenzini ukuthi libhale phansi, lichaze ukuthi kungani kufanele lingamiswa?
Abameli basola uMasemola ngokwenza okungekho emthethweni, eqhubeka nohlelo olusha lokummisa emsebenzini.
“Iyo kanye le nto yokuhlukumeza esiyiveza esicelweni sethu sokumisa lolu hlelo.”
UMasemola okhulume nabezindaba izolo, ngesikhathi kucekelwa phansi izidakamizwa, uthe akathandi ukwanda kakhulu kulolu daba.
Uthe bazohlangana enkantolo lapho kuzovela khona konke.
USibiya wamiswa emva kokuba uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, amsola ngenkohlakalo nokuvikela izigebengu.