Izindaba

Kuboshwe amajongo amabili ngokuzama ukubulala amalungu ePhalamende eKapa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Asinde ngokubambisana amalungu ePhalamende u-Ian Cameron, Nicolas Godsell, noLisa Schickerling behlaselwa yizinswelaboya ePhillipi, eKapa.

Image: Ayanda Ndamane / Independent Media

Amaphoyisa aseWestern Cape aveze ukuthi umsolwa wesibili useboshiwe ngecala lokuhlasela kumalungu ephalamende okwenzweke ePhilippi.

Lapha kwahlaselwa amalungu amathathu eDemocratic Alliance (DA) ePhalamende abhekele ukusebenza kwamaphoyisa esigamekweni esinodlame sokuhlasela ePhilippi ngoLwesibili ntambama.

USihlalo weKomidi lamaPhoyisa u-Ian Cameron, ekanye nozakwabo uLisa Schickerling no-Nicholas Gotsell, bebehamba eduze kwezimpambano zomgwaqo u-New Eisleben noGovan Mbeki Road ngesikhathi abasolwa abangaziwa bephula amafasitela emoto yabo baqala ukubajikijela ngezitini. UCameron uchaze ukuhlaselwa kwabo “njengokuhlasimulisa umzimba”.

“Bajikijela imoto ngezitini, ngakwazi ukushaya oyedwa wabo kodwa wabuya, ngazama ukulwa, ngathi uma ngibheka uNicholas ubegebise ikhanda, ngakhipha isibhamu sami ngadubula, angazi noma ngishaye umuntu na."

 

Abaseshi bobugebengu obunodlame balandele umkhondo ophenyweni lokuhlaselwa kwamalungu amathathu ePhalamende ePhilippi ngoLwesibili ntambama basebenze ubusuku bonke kwathi ezintatha zangoLwesithathu babopha umsolwa wesibili.

Umsolwa oneminyaka engu-16 ubudala waboshwa eBrowns Farm usebekwe icala. Umsolwa wokuqala, owesilisa oneminyaka engu-18 ubudala, uboshwe ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi efuna usizo lwezempilo esikhungweni esiseLentegeur.

Kukholakala ukuthi udutshulwe ngesikhathi behlasela izisulu ezintathu ezingamalungu eDA ePhalamende.

Njengamanje ugadwe amaphoyisa esibhedlela. Imibiko yokuqala sobugebengu iveza ukuthi lesi senzo sokuhlasela senziwe abasolwa abathathu besilisa.

Uphenyo lusaqhubeka njengoba kulindeleke ukuthi kuboshwe omunye ngokuhamba kwesikhathi. Abasolwa babhekene namacala okuzama ukubulala nelokuzama ukuduna imoto.