UKUSONDELANA nezikhungo ezingomahamba nendlwana abahlengikazi abasuke bezifikele mathupha ezindaweni okuhlala kuzo abantu kumqoka ukuthi abesifazane bazisebenzise ukuyohlolwa izifo ezhlukahlukene ikakhulukazi abahlala ezindaweni ezisemakhaya
Image: SITHUNYELWE
KUVAMILE ukuthi abesifazane njengabanakekeli bekhaya nemindeni, bagxile kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu ekhaya uphilile futhi uzizwa enakekelekile bashaye indiva izidingo zabo zezempilo.
Ziningi izinto ezixina abantu besifazane okubalwa kuzo izinhlelo ezimatasa, izinkathazo zezimali, noma ukubukela phansi ubungozi obubanyonyobelayo, bagcine bengakwazi ukuhlolela izifo ezihlasela bona ngqo. Ukuhlolwa kwezempilo kubalulekile ukuze abesifazane balondoloze impilo enhle, bathole izinkinga zempilo ezingaba khona kusenesikhathi, futhi bakwazi ukuzixazulula zingakabhebhetheki kakhulu emzimbeni.
UMurray Hewlett, oyiCEO ye-Affinity Health uthi; "kule nyanga yabesifazane, sifuna ukukhumbuza wonke umuntu wesifazane ukuthi impilo yakhe ibalulekile. Ukuhlolwa okuvamile akuyona into oyenza-nje kodwa kuyisidingo esibalulekile."
Ukuhlolela iPap Smear neHPV
Umdlavuza womlomo wesibeletho ungomunye wemidlavuza evikekekayo, nokho usalokhu uyimbangela ehamba phambili yokushona kwabantu besifazane baseNingizimu Afrika okuhlobene nomdlavuza. Ukuhlola ngokujwayelekile kusiza ukuthi umuntu akwazi ukusheshe athole uma kukhona inkinga futhi asheshe athole ukwelashwa. Ngokweziqondiso ezibuyekeziwe zamazwe ngamazwe, abesifazane abaneminyaka engu-25 kuya ku-65 kufanele bahlolelwe i-HPV njalo eminyakeni emihlanu. Uma zingekho izinsiza zokuhlolela i-HPV, kungasiza ukwenza i-Pap smear njalo ngemuva kweminyaka emithathu. Lokhu kuhlola kungasiza ukuthola izinguquko ezingavamile zamaseli kanye nokuba khona kwezinhlobo ze-HPV eziyingozi kakhulu ngaphambi kokuba umdlavuza uvele.
Ukuhlolela umdlavuza webele
Umdlavuza webele awulindi ukuthi uhlanganise iminyaka engu-50. Ukuzihlola wena ngokujwayelekile kuwumkhuba omuhle, kodwa akwanele. Ukuhlolwa kwebele emtholampilo kanye ne-mammogram kungasiza kakhulu ukuthola izigaxa noma izinto ezingalungile ngaphambi kokuba zibe yingozi. Uma uneminyaka engaphezu kuka-40 noma kukhona umlando womdlavuza webele emndenini, ungalindi, khuluma nodokotela wakho mayelana nokuqala i-mammogram.
Ukuhlolwa komfutho wegazi, i-Cholesterol, neGlucose
Isifo senhliziyo sivame ukubhekwa “njengenkinga yamadoda”, kodwa siwusongo olukhulu nakwabesifazane. Isifo senhliziyo siyimbangela ehamba phambili yokufa kwabesifazane emhlabeni jikelele. Umfutho wegazi ophakeme, i-cholesterol ephezulu, kanye noshukela ophezulu wegazi kuvame ukukhula ngaphandle kwezimpawu kuze kube yilapho kwenzeka okuthile njengokuhlaselwa yinhliziyo noma uhlangothi. Yingakho ukuhlolwa okuvamile kubaluleke kakhulu kwabesifazane abangaphezu kweminyaka engama-35, noma labo abanomlando womndeni wesifo sikashukela noma isifo senhliziyo.
Izinkinga zesinye nenzalo
Izinkinga ezifana nezinhlungu uma usesikhathini, ukushintshashintsha kwemizwa, ukukhuluphala ngokweqile kungalindelekile, noma ukungazali kungase kubonise ukungalingani kwama-hormone noma izimo ezifana ne-PCOS noma i-endometriosis. Ukuhlolwa okujwayelekile ngodokotela kungasiza ekuboneni lapho kudingeka olunye uphenyo. Ukuqikelela ukuthi uyazinakekela ikakhulukazi ezintweni ezithinta inzalo kungenye yezindlela ezisiza ukulawula isikhathi sokunqamuka kokuya esikhathini kanye nezimpawu zokunqamuka kokuya esikhathini (menopause).
Ukuhlola impilo yengqondo
Abesifazane basethubeni eliphindwe kabili kunabesilisa lokuba nengcindezi, ukudangala nokukhathazeka, nokho ukucwaswa kanye nengcindezi yomphakathi kusenza kube nzima ukuthola usizo. Kule nyanga yabesifazane, yenza impilo yengqondo ibe yingxenye yendlela yakho yokuphila. Uma uzizwa ucindezelekile, udangele ngendlela exakile, ucasukile, noma ukhathele kakhulu umzimba ungavumi lutho, ungalenzi iphutha lokuziziba lezi zimpawu, zama ukuthola umuntu ongakwazi ukukhuluma naye.