Izindaba

Ihlabe kwazwela inkulumo kaSenzo Mchunu noMalusi Gigaba kwabe-ANC

Nonkululeko Nhlapo|Updated

USenzo Mchunu

Image: Nokubongwa Phenyane

I-ANC ikhiphe isitatimende izwakalisa ukuphoxeka ngezinkulumo ezenziwe ngamalungu esigungu esiphezulu saleli qembu esidlangalaleni nokuyinto eyithathe njengokwakha isithombe soqhekeko eqenjini.

UDokotela Malusi Gigaba unxuse ukuthi kuhlehliswe iNational Dialogue ukuze ilungiselelwe kangcono, waxwayisa ngokuthi ingase ibe yindawo yezingxoxo nje ngaphandle kwemibono edidiyelwe yabathintekayo.

Ngaphezu kwalokho, uGigaba ugxeke isinyathelo sokufaka iDA kuhulumeni wobumbano.

"Ngangihlezi nginombono wokuthi akufanele kufakwe iDA kuGNU futhi ngisamile kulokho angisiboni isizathu sokuthi sisebenze neDA singasebenza kangcono namanye amaqembu afana ne-EFF," kusho uGigaba engxoxweni yakhe nomhleli wepolitiki kuSunday Times.

UMalusi Gigaba uyilungu lesibili eliphezulu ngemuva kuka-Andile Lungisa ophakamise ukuthi kuhlakazwe isigungu esiphezulu se-ANC. 

UMnuz Senzo Mchunu yena uthe i-ANC “ilokhu ishona phansi,” njengokuthi “umuntu ohamba onqenqemeni lwewa” abe “nekhanda elikhulu,” futhi usengozini yokulahlekelwa amandla uma ehluleka okhethweni lomasipala lwangonyaka ozayo.

Unobhala Jikelele we-ANC ukhiphe isitatimende esikubeka kucace ukuthi le nhlangano ayihambisani nezinkulumo zalaba bobabili.

Kulesi sitatimende, laba bobabili basolwa ngokwakha isithombe sokuthi leli qembu alibambisene lihlukene phakathi, futhi liyawa. 

"I-ANC izithatha izinyathelo ezifanele ukulungisa lokhu kuziphatha ngoba alikho ilungu lenhlangano ekumele ligudluke ezinhlosweni zeqembu zokuziphatha kahle ngenhloso yokwakha ubumbano."