Izindaba

Utholwe engaphilile ekhanda obhekene nelokusoconga ikhansela le-ABC

Nkosikhona Cele|Published

Isibhamu

Image: Sigciniwe

INKANTOLO yeMantshi yaseThekwini ithole ukuthi akaphilile ekhanda omunye wabasolwa abathweswe uMbuso icala lokusoconga umelaphi wendabuko owayephinde abe yikhansela le-ABC kuMasipala uMdoni, uMnuz Theodare Mzimela (35).

Umufi wabulawa kade ehamba namathwasa akhe amabili, oMnuz Senzo Ngema noPhumlani Mbutho (28), ngesikhathi babeyohlangana nothile eMhlanga owayezobathatha bese beyokwelapha endaweni thizeni.

Laba bobathathu kuvela ukuthi babulawa ngesihluku esesabekayo njengoba kuvela ukuthi babenamanxeba okudutshulwa kanti izidumbu zabo zazikade ziboshwe izandla ngezintambo.

Izidumbu zabo zatholakala ngaphansi kwebhuloho eliseMngeni zase zithathwa zayiswa emakhazeni asePhoenix. Kwase kunesikhashana kuzungeza izithombe zikaMzimela ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa udukile.

Ngemuva kwalokho, bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oMnuz Mcebisi Mdeni ongummangalelwa wokuqala, uMnuz Mthokozisi Goodman Mqadi ongummangalelwa wesibili, okunguyena okuvele ukuthi akaphilile kahle, Mnuz Bheki Sibiya ongummangalelwa wesithathu, Mnuz Ayabongwa Thibane ongummangalelwa wesine, Mduduzi Mthethwa ongummangalelwa wesihlanu noMnuz Philane Sanele Hlongwane ongummangalelwa wesithupha.

Umbiko ofundwe enkantolo ngoLwesihlanu, uveze ukuthi akaphilile uMqadi emuva kokubuya kwemiphumela esibhedlela sabangaphilile saseMgungundlovu, iFort Napier.

Umshushisi u-Advocate Siverpersad uphakamise ukuthi liqulwe eceleni elikaMqadi njengoba sekuphume le miphumela. Imantshi uSingh ivumelene nalokhu. Ngaphambilini ummangalelwa wokuqala kuleli cala uMdeni wazihlangula kuleli cala.

UMdeni wabajikela esiswini njengotshwala etshela inkantolo ukuthi akazi lutho ngaleli cala kodwa aboshwe nabo yibona abangongqondongqondo bokuhlelwa kwalo.

Icala lizoqhubeka kusasa.