Sinyukile isibalo seziboshwa ezishone engozini enyantisayo eyenzeke eLimpopo
Image: X/@_ArriveAlive
Isibalo sabashonile engozini enyantisayo emgwaqeni u-R101 phakathi kweMokopane neMookgopong sesinyukele kwabayisishiyagalolunye.
Le ngozi yenzeke ngoLwesine, lapho ukushayisane imoto yamaphoyisa neloli. Imibiko yokuqala iqinisekise iziboshwa eziyisithupha ezishonele endaweni yengozi.
Nokho kubuye kwashintsha kuvela ukuthi iziboshwa ezimbili eziphuthunyiswe esibhedlela zishonile, nokwenze isibalo sabashonile safinyelela kwabayisishiyagalolunye, okuhlanganisa nephoyisa elilodwa neziboshwa eziyisishiyagalombili.
Kuthiwa iphoyisa, lisebenzela esiteshini samaphoyisa eNaboomspruit, laliqoqe iziboshwa ezingu-11 esiteshini samaphoyisa eMokopane ukuze ziyovela enkantolo eNaboomspruit ngesikhathi kwenzeka le ngozi.