Izindaba

Ingebhe kuqhubeka ukugobhoza kwegazi eMbumbulu

Nkosikhona Cele|Published

igazi

Image: Sigciniwe

KUYAQHUBEKA ukubulawa kwabantu oDidini, eMbumbulu, njengoba sekuphenduke insakavukela ukugobhoza kwegazi. Ngeledlule kudutshulwe kwabulawa uMnuz Musawenkosi Chonco (59), emi esitobhini sangakubo.

Kuvela ukuthi kuqhamuke abathile abavulele ngenhlamvu bebhekise kuyena. Kakuqondakali ukuthi ukubulawa kwakhe bekumayelana nani nanokuthi kungani ebulewe.

Udadewabo kamufi, uNksz Nozipho Chonco, ukuqinisekisile ukubulawa kwakhe. Uthe njengomndeni badunguza ebumnyameni ngokuthi kungani ebulewe.

Kubulawa uChonco nje, umphakathi wakule ndawo uvele uthuka izanya njengoba kungami ukugobhoza kwegazi kule ndawo, abantu bebulawa ngokudutshulwa. Muva nje, kubulawe uMnuz Skhumbuzo Ndlovu, odutshuliwe ngenyanga eyedlule. Naye kakuqondakali ukuthi yini le abulawelwa yona.

UNdlovu wabulawa kungakapholi maseko kade kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mduduzi Ngcongo wakuyona le ndawo.

UNgcongo yena wadutshulwa eseFolweni, ehamba ngemoto yakhe. Kuwona lo nyaka kudutshulwe kwabulawa uMnuz Siphelele Khathi benoMnuz Sihle Sibisi. Kubulawe nenduna, uMnuz Sphiwe Msweli. Kwangaphela sikhathi esingakanani, kwabulawa nendodana yenduna uMnuz Mhlengi Msweli.

Induna yadutshulwa yabulawa iyovala isitolo sayo kanjalo nendodana nayo yabulawa iphuma esitolo isigoduka. Kubulawe noMnuz Mzwandile Nxumalo owahlaselwa esemzini wakhe ngabantu abangaziwa abamdubula ngoyaba lwezinhlavu waphelela khona lapho.

Kwabulawa nabesilisa abahlanu esigamekweni esashiya amalungu omphakathi wakule ndawo ethuka izanya. Amalungu omphakathi asaqhubeka ngokukhala ngemoto yohlobo lwe-Etios ezulazula kule ndawo okuthiwa ibahlalise lubhojozi abantu.

''Abantu abaningi badutshulwa ngabantu abasuke behle kule moto, asisazi ngampela ukuthi siyithini indaba yale moto,'' kubalisa ilungu lomphakathi elingeke livezwe ngoba lisaba.

Okunenga kakhulu umphakathi ukuthi kuzona zonke lezi zigameko akekho oboshwayo.

''Bonke laba bantu asazi ngempela ukuthi kungani bebulawa futhi basuke benzeni?'' kubalisa elinye ilungu lo mphakathi elicele ukuba ligodlwe igama lalo.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi bonke ababulawayo basuke sebazi ngoba baqale bathole imiyalezo ebaxwayisayo ngaphambi kokuba basocongwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukubulawa kukaChonco. Uthe ukhona oseboshiwe mayelana nalesi sigameko.