Undunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli nomphathiswa wezokuHlaliswa Kwabantu uSiboniso Duma
Image: Sithunyelwe
ABOKUFIKA abakuleli ngokungemthetho abahambe babuyele emazweni abo.
Lawa ngamazwi akhishwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi ehambele eCornubia, eThekwini, eyohlola umsebenzi wokwakhiwa kwezindlu zalabo abakhahlanyezwa yizikhukhula.
Ubephawula kwabezindaba njengoba kuqhubeka imikhankaso yezinhlangano ezehlukene ezilwisana nabokufika abakuleli ngaphandle kwamaphepha.
Izinhlangano ezifana neMarch and March ne-Operation Dudula, zinkanisa ezikhungweni zikahulumeni zezempilo ukuvimba abokufika abangenamaphepha ukuba bangene bathole usizo lwezempilo.
Zizwakalisa ukukhathazeka ngokuthi lezi zikhungo zikahulumeni ziyasindwa ngenxa yomthamo omkhulu wabokufika abangenamaphepha abafika kuzo bezofuna usizo lwezempilo. Zibuye ziveze nokuthi uhulumeni akanayo imali eyanele yokubhekela izidingo zezempilo zabantu abakuleli ngokungemthetho.
UNtuli ezwakalisa uvo lwakhe ngalolu daba uthe: “Abahambe babuyele emazweni abo.”
Uthe: “Imali esinayo KwaZulu-Natal, ilingene abantu bala nabaseNingizimu Afrika bodwa.”
Uqhube wathi abantu bokufika abafuna ukuba kulesi sifundazwe, akube abantu abalana ngokusemthethweni.
“Uma kukhona umuntu ofohlayo angene eNingizimu Afrika, uqala ubugebengu ngokwenza njalo. Uma sebenza ubugebengu nangaphakathi ngeke ubaphikele ngoba kwakungena kwabo, kwaba wubugebengu,” kusho uNtuli.
Uthe sesiphelile isikhathi sokuthi (abokufika) bacabange ukuthi kuleli, yikwamachanca.
“Akukhona kwampunzi edla emini lapho ungena khona, uphume, ugange, wenze yonke into, uthumbe, ufake izidakamizwa. Abahambe bayofuna izimvume uma befuna ukuba lana ngoba umthetho awubanqabeli ukuthi beze lana kodwa uthi abangene ngemvume okuyiyona yona," usho kanje.
Uphinde wanxusa nezisebenzi zoMnyango wezaseKhaya nezeminye iminyango ukuthi lolu daba ziluphathe ngobuqotho.
“Akungabi bikho izinsolo zokuthi abanye babuye babenzele izindlela zokuthi bakwazi ukungena, noma bangene ngomgunyathi. Kukhona abanye abake baboshwa eThekwini, ehhovisi loMnyango wezaseKhaya mbumbulu,” kusho uNtuli.
Uthe izisebenzi azazi ukuthi ngeke bakuvumele ukuthi KwaZulu-Natal kube yindawo yokuhlala wonke umuntu nongenayo imvume.
Uphinde wabalula ukuthi lesi simo sishaya kuzwele ngisho nasodabeni lokushoda kwamathuba omsebenzi.
“Sinesiqiniseko sokuthi baningi abangasebenza uma kungathiwa kuhleli abantu bakulesi sifundazwe nabaseNingizimu Afrika bodwa lana. Maningi amafemu enginolwazi lokuthi aqashe abantu bokufika, lokhu sikuthola ngemibhidlango yamaphoyisa eqhubeka zonke izinsuku,” kusho uNtuli.
Wexwayise ngokuthi wonke umuntu wokufika okuleli ngaphandle kwamaphepha, kufanele azi ukuthi zizomkhalela.
UNtuli ukhuluma kanjena nje, izinhlangano ezilwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho zigxekwa ezinye izinhlaka zomphakathi.
Kuzona kukhona abathi kuyicala ukunqabela umuntu usizo lwezempilo esefikile ezolufuna esikhungweni.
Related Topics: