Iyaqhubeka imizamo yokuthola umshayeli wendiza ewele olwandle
Image: Doctor Ngcobo
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aqinisekise ukuthi sekumisiwe ukuthungathwa komshayeli wendiza l encane ephahlazeke olwandle eSuncoast Beach, eThekwini ngoLwesine ntambama.
Ngokwesitatimende samaphoyisa umsebenzi uzoqhubeka ngoLwesihlanu ekuseni.
Umshayeli wendiza ubeyingxenye yombukiso wezindiza futhi ubesemoyeni ekhombisa amakhono akhe ngesikhathi indiza iphahlazeka. Ithimba lamaphoyisa ophiko lwabatshuzi, elisebenzisana nozakwabo abazimele bathole indiza enophephela emhlani okuyiyona ewele olwandle ukuthungathwa komshayeli kusaqhubeka.
Ithemba kubatshuzi kutholakala izinsalela zendiza enophephela emhlani okuyiyona ewele olwandle
Image: Doctor Ngcobo