Izindaba

Uyavela ohlahlele isoka walishisa ngemuva kwengxabano

Nonkululeko Nhlapo|Published

Indawo lapho okushiswe khona izicubu zomzimba wendoda ebulale yintombi

Image: SAPS

Owesifazane wase-Ermelo uboshwe ngemuva kokutholakala kwezitho zomzimba ezicwiywe Amaphoyisa athole izitho zomzimba ezihlakazekile kupulasitiki, kanti ezinye zingaphakathi kwesaka lommbila.

Kuboshwe owesifazane, 33, kulandela isigameko esishiye umphakathi ubambe ongezansi eWesselton, lapho kutholwe khona izicubu zomzimba wendoda eneminyaka engu-37 ubudala. 

Ngesikhathi amaphoyisa efika athola izitho zomzimba ezicwiywe kupulasitiki, ezinye zingaphakathi kwesaka lempuphu.

Umuzi obuhlala umsolwa nomgilwa e-Ermelo, eMpumalanga

Image: SAPS

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Donald Mdhluli uthi owesifazane, 33, uhlasele isoka lakhe, 37, ngommese ngemuva kwengxabano eshubile.

"Uphenyo lokuqala luveza ukuthi kuqubuke ingxabano phakathi kowesifazane nesisulu, umufi wagwazwa washona."

Umsolwa ubhekene necala lokubulala nelokuphula umthetho. Lo wesifazane kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Ermelo ngecala lokubulala.