Umuzi oseMaplazini obekubhace kuwo abasolwa
Image: SAPS
Abasolwa ababili abebefunelwa icala lokubulala iphoyisa, ukuzama ukubulala noxhaxha lwamacala okugebenga emzini yabantu behlomile badutshulwe babulawa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yaseMaplazini, rNanda ngoLwesibili ebusuku.
Amaphoyisa asebenzise ezobunhloli ukulandela umkhondo wabasolwa abebefunwa, kanti imininingwane iholele amaphoyisa emzini oseMaplazini eNanda.
Ngesikhathi amaphoyisa efika kulo muzi aziveza ukuthi angamaphoyisa ayalela abasolwa ukuthi bavule umnyango.
Abasolwa baphendule ngezibhamu bebhekise emaphoyiseni bengaphakathi endlini kanti amaphoyisa asale engenakwenza lutho ngaphandle kokuthi adubule ukuze azivikele. Ngesikhathi sokudubulana, abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 no-21 ubudala, badutshulwe baphelela khona lapho.
Kutholwe kubasolwa isibhamu esicishiwe iserial number. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.