IJG Zuma High School
Image: FACEBOOK
BAFUNA kuqiniswe ezokuphepha abazali babafundi abafunda esikoleni iJG Zuma High, kwa-L KwaMashu kulandela ukuphazamiseka kokufunda ngoLwesihlanu, kusatshwa ukusuka kothuthuva kungcwatshwa obeyilungu leqembu lemigulukudu, iWest ngempelasonto.
Ngokuthola kweSolezwe, isikole sivalwa nje, bekusanda kufa ilungu leWest ngeledlule ngesikhathi kukhona ukudubulana phakathi kwayo (iWest) nelinye iqembu lemigulukudu endaweni.
Umufi ungcwatshwe ngoMgqibelo. Kuvela ukuthi obekwenza amaphaphu abe phezulu wukuthi kubo kamufi kwakhelene nesikole.
Ngokusho kukaSihlalo wesigungu esilawula isikole, uNkk Khanyi Mngomezulu, bewubuholi besikole bathathe isinqumo esisheshayo emva kokuthola umbiko ngoLwesine wokuthi kungase kusuke uthuthuva.
Uthe kujwayelekile ukuthi kusuke uthuthuva uma kudlule oweWest.
“Obeshonile sizwe kuthiwa ungcwatshwa ngoMgqibelo. Sibone kuwumqondo omuhle ukuthi kungabi khona ukufunda okwengeziwe (extra classes) njengoba bekuzobe kunenkonzo yomngcwabo,” kusho uNkk Mngomezulu.
Banxusa uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi ajube amaphoyisa eduzane nesikole iJG Zuma High KwaMashu
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
“Esikwenzile, besibhekelela isimo ukuvikela abafundi nothisha bethu ukuthi kungathi uma sekuqala uthuthuva, bese bethelwa amachaphazelo noma bavimbeke ngoba umgwaqo munye.”
Uthe: “Siye sibone kuba nemibikisho, izixakaxaka nokuqhunyiswa kwezibhamu uma kufe amalungu ala maqembu. Ngokucabangela ukuphepha kwabafundi bethu ababalelwa ku-1 700, sibe sesinquma ngokuhlanganyela ukuthi akungafundwa ngoLwesihlanu.”
Isolezwe lithole ukuthi amalungu aleli qembu ngeledlule abefuna umnikelo ngamabhakede ngaphandle kwesango lesikole ewufuna ngodli.
Liphinde lathola ukuthi uhambo lwesikole obelungoMgqibelo, obekufanele lusukele esikoleni, lugcine lusukela enxanxartheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu.
UNkk Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi isimo sesibuyele kwesijwayelekile izolo, wathi balindele nokuthi ukufunda okwengeziwe okuba ngezimpelasonto kuqhubeke kahle ngempelasonto ezayo.
Ekhuluma nabezindaba zeSABC, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazwile ngesimo ngoLwesihlanu ezikoleni ezakhele le ndawo.
“Othishanhloko bezinye izikole ezakhele iNanda neKwaMashu basazisile ukuthi bazobhekelela ukuphepha ngokuthi bangavumi ukuthi othisha nabafundi beze esikoleni,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, ekhuluma nesiteshi esifanayo sezindaba, uthe abazali kufanele basebenzisane namaphoyisa ukuthi kuqoqwe izibhamu ezigcwele ezinganeni.
“Uma uwumzali ubona ingane yakho inesibhamu kufanele ukhathazeke. Kufanele wazi ukuthi leso sibhamu akusona esokuhlobisa, esokubulala,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi kufanele bazi abazali ukuthi ngelinye ilanga lezo zibhamu ziyobulala bona. Uthe okukhathazayo wukuthi wonke amalungu eWest yizingane ezingaphansi kweminyaka engu-20.
Kuhlatshwe nekhwelo lokuthi kukanise amaphoyisa eduzane nesikole ukuze abafundi baphephe.
Lesi sikole sidume ngemiphumela emihle kwa-matric siphinde sidume nangomculo. Saqanjwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe okumanje uhola iqembu iMK uJacob Zuma.
Related Topics: