KUBE yinjabulo ebuholini bebandla iSt John’s Apostolic Faith Mission eClermont ngesikhathi iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, yethula ngokusemthethweni itayitela lebandla.
Image: Sithunyelwe
KUBE yinjabulo yodwa ngesikhathi amalungu ebandla i-St John’s Apostolic Faith Mission eClermont, amukela itayitela kwiMeya yeTheku uCyril Xaba.
Miningi kakhulu iminyaka leli sonto lisebenza ngamalungelo e-Permission to Occupy (PTO), nokuyinto engavikelekile, enganqanyulwa noma yinini nokujyinto edala ukungazinzi ngokuphelele kwebandla. Uhlelo lokubuyisela umhlaba emasontweni luthathe elinye igxathu njengoba iMeya ueTheku, uCyril Xaba, inikezele ngetayitela ebandleni iSt John's Apostolic Faith Mission elaziwa ngokuthi yiseChibini. Ikhuluma namalungu ebandla, imeya ithe ukunikezelwa kwetayitela kukhombisa ukuthi umasipala uzibophezele ekulungiseni amaphutha akudala futhi ugxile ekuhlinzekeni ubunikazi obugcwele bomhlaba ezikhungweni zezenkolo nakubantu abajwayelekile abebencishwe amathuba phambilini.
“Lokhu kungaphezu kokuthengiselana ngomhlaba, kuyisinyathelo esibalulekile ekulungiseni umaphutha akudala angenabo ubulungiswa. Kufeza isigaba 25(6) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, esithi: Umuntu noma umphakathi osebenzisa umhlaba wawo ngokungavikeleki ngokomthetho ngenxa yemithetho noma imikhuba yaphambilini yokucwasa ngokwebala, unegunya, ngokwezinga elihlinzekwe nguMthetho wePhalamende, lokuhlala endaweni evikelekile ngokomthetho noma ukunxeshezelwa ngendlela efanayo."
Uqhubeke wathi leli tayitela lizocaba nendlela yokuthi isonto lifake isicelo emkhandlwini sokuthi lingawakhokhi ama-rates njengoba kwenzeka kuwona wonke amasonto nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzo. IMeya iphinde yanikezela ngomshini wokuphrinta ukuze ibandla likwazi ukwenza imisebenzi yasehhovisi. Uthe lolu hlelo lokunikezela amasonto ngamatayitela luzoqhubeka ukuze wonke amasonto afaka izicelo ahlomule.
AMALUNGU ebandla aphume ngobuningi bawo ezokwamukela iMeya yeTheku ngesikhathi idlulisela itayitela ebuholini bebandla iSt John’s Apostolic Faith Mission eClermont
Image: Sithunyelwe
IMEYA yeTheku uMnuz Cyril Xaba nobuholi bebandla
Image: Sithunyelwe
AMALUNGU ebandla iSt John’s Apostolic Faith Mission eClermont ngesikhathi iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, yethula ngokusemthethweni itayitela lebandla.
Image: Sithunyelwe
ILUNGU lebandla lisayina njengoba leli bandla belamukela itayitela lomhlaba okwakhiwe kuwo indlu yesonto
Image: Sithunyelwe