Izindaba

Uvalo kwezinye izisebenzi zaseMUT kubulawa ozakwabo

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Innocent Zenzele Mqadi

Image: MUT Facebook

SEKUQUBULE ukwesaba kwezinye izisebenzi zaseMangosuthu University of Technology (MUT), eMlaza, ukubulawa ngesihluku kozakwabo abasebenza ophikweni lwezokuthutha. 

Sezimbili izigameko zokuhlaselwa, kudutshulwe, kubulawe abashayeli abasebenza ngaphansi kwalolu phiko esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili.

Esigamekweni sakamumva esenzeke ngoLwesihlanu olwedlule, kudutshulwe, kwabulawa uMnuz Innocent Zenzele Mqadi (50).

Ngokusho kwabale nyuvesi ezinkundleni zokuxhumana, umufi okuvele ukuthi ungumfowabo kaMax Mqadi wodumo lweMax’s Lifestyle, eMlaza, udutshulwe, wabulawa esemotweni yakhe.

Omunye umthombo utshele Isolezwe ukuthi abahlaseli bamfice enengane yakhe esencane phakathi emotweni uMqadi. Kuthiwa kuthe noma esethi uyazama ukubaleka ngemoto, abahlaseli baqhubeka nokumlandela, kwaze kwaba bayamfica, bamnqoba nesibhamu.

I-MUT ithe uMqadi ubewuhlobo lomuntu ozihloniphayo, ezimisela, ewuthanda umsebenzi futhi eyisibonelo esihle emsebenzini.

UMUFI uMnuz Londi Dlamini

Image: MUT Facebook

NgoJuni kuwo lo nyaka, inyuvesi yamemezela ngokubulawa kukaMnuz Lucky Xolani Dlamini (53) owayedume ngelikaLondi. 

UDlamini kuthiwa  wadutshulwa ngoJuni 24, 2025 abantu abangaziwa esendleleni elibangise emsebenzini. 

Inyuvesi yaveza ukuthi uDlamini ubulawa nje ubesesebenze kuyona iminyaka njengoba ayijoyina ngeminyaka yo-1990.

Isisebenzi esicele ukungadalulwa sithe zethukile izisebenzi eziningi njengoba zingaqondisisi ukuthi kwenzekani.

“Kubukeka sengathi kukhona impi ebhekiswe kithina kodwa okudidayo wukuthi asazi ukuthi iqhamukaphi,” kusho isisebenzi. 

Siqhube sathi wonke umuntu usovalweni, uzibuza ukuthi ingabe ubani ozolandela.

UNobhala wesifunda iTheku (Durban Region) kwiNehawu, uMnuz  Prince Mthalane uthe abazokwenza maduzane wukuthi baye kulesi sikhungo bayoxoxisana namalungu abo.

“Sizobe siyozwa nje ukuthi bathini, sizwe ukuthi zikhona yini izikhalo abazoziphakamisa,” kusho uMthalane othe kuseva ukuthi kungaba khona ukuphawula okutheni asebengakwenza.

Uthe lokhu ukusho ngoba awekho amalungu abo aseze kubo azobabikela ngokukhathazeka kwawo kulandela izigameko.

Uphinde wathi okunye okwenza bangabi nawo umcabango wokuthi ukuhlasela kweyamene nomsebenzi wukuthi abafi bahlaselwa ngaphandle kwenyuvesi bengekho emsebenzini.

UMqadi kuthiwa ushiye  izingane ezintathu kanti uLondi yena washiya unkosikazi nezingane ezine.