ISEKELA likaNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uNkk Bertha Peace Mabe uzovula ngokusemthethweni i-The Music Imbizo, e-ICC kule nyanga
Image: SITHUNYELWE
AMACIKO nabanamabhizinisi ehlukene ezobuciko bazothola ithuba lokufunda futhi bacebe ngolwazi lokuthi bangakusebenzisa kanjani ubuciko babo namasiko ehlukene akuleli zwe ukuthi bachume kwezobuciko nokuthi basimamise amabhizinisi abo ezobuciko.
Lokho kuzokwenzeka emcimbini walo nyaka waminyaka yonke wezingxoxo zezamabhizinisi omculo nobuciko i-The Music Imbizo, ezoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngo-Agasti 26 kuya ku-30.
Nonyaka, lo mcimbi owasungulwa wuSphe Mbhele ngo-2009, ingqikithi yawo ithi At The Root of Innovation Is Culture, Creativity And The Power of IP, okusho ukuthi kuzobhekwa kabanzi kuthi amasiko nobuciko kungasebenzisana kanjani ukuthuthukisa ezobuciko.
Isitatimende esithunyelwe ngabahleli balo mcimbi siqinisekise ukuthi nonyaka lo mbuthwano uzovulwa ngokusemthethweni yiSekela likaNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uNkk Bertha Peace Mabe, ozokwethula inkulumo ezohluba udlubu ekhasini ngokuthi yimaphi amasu angasetshenziswa ngamasiko nezobuciko ukufukula umnotho wezwe.
Kuzothi ngosuku lwesibili lwalo mcimbi okuwuLwesithathu, kube khona umakadebobona wumculo we-jazz uNomfundo Xaluva-Dyantyis, ozobe exoxa noVuyisile Mshudulu obhekele ezobuciko eGoli, bona abazobhunga ngokuthi amasiko engasetshenziswa kanjani ukufukula ubuciko namabhizinisi ezobuciko nomculo.
UMAKADEBONA we-jazz, uNomfundo Xaluva-Dyantyis, womunye wabazothekela izethameli ngolwazi kwi-The Music Imbizo kule nyanga
Image: SITHUNYELWE
NgoLwesihlanu, kuzobe kukhona uNtsika Tyatya wesikhondlakhondla senkampani yezimpahla zokugqoka ezigqize ngesintu iMaXhosa Africa, ozokhuluma ngokuthi kungasetshenziswa kanjani ezemfashini nomculo ukuqhakambisa ubuhle bamagugu e-Afrika.
Ngale kwalokho, kulezi zinsuku ezinhlanu kuzobe kunezigcawu ezahlukene zokucobelana ngolwazi okuzohlangana kuzona izikhulumi ezingaphezu kwa-60, amaciko awu-25 nosomabhizinisi abawu-60 abazokhangisa ngamabhizinisi nemikhiqizo kwabo okwehlukene.
Kulokhu lo mcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 1, kanti ugabe ngamaxhasi abehlukene okukhona kubona i-Independent Media, Durban Tourism, CAPASSO, Brand South Africa, SAMRO, TikTok, Bathu ne-NoOx Worldwide yase-Italy.