Izindaba

Ngabe sengixoshe inqwaba, kusiza abangikhuzayo - uZuma

Nkosikhona Cele|Published

UMENGAMELI woMkhonto Wesizwe Party (MKP), uMnuz Jacob Zuma

Image: Sithunyelwe

UMENGAMELI woMkhonto Wesizwe Party (MKP), uMnuz Jacob Zuma uthi ngabe usexoshe inqwaba yabantu kuleli qembu kodwa kusiza khona ukuthi abanye babaholi baleli qembu babuye bamkhuze.

Ubekade ekhuluma njengoba leli qembu kade linesithangami nabezindaba eGoli. Uthe uye abezwe nje bethi uxosha njalo kanti kazisoli ngalokho ngoba kuleli qembu kakudlalwa kodwa kumele kusetshenzwe.

Leli qembu libe seliphumela obala ngongazisoli ngokweseka imizamo yeMorocco yokubusa iWestern Sahara. USihlalo waleli qembu uMnuz Nkosinathi Nhleko ukugcizelelile ukuthi bamile kulokhu abakholelwa kukhona njengeqembu.

Mayelana nokuthi uMengameli waleli qembu uMnuz Jacob Zuma wethula inkulumo yokweseka iMorocco emi eduze kwefulegi laseNingizimu Afrika uthe ifulegi akuselona elezwe kodwa nabo elabo.

Loyo oyiNhloko ehhovisini likaMengameli waleli qembu uMagasela Mzobe uthe okwamanje kusanomsindo ngalokhu abakholelwa kukhona kokweseka iMorocco.

Uthe kodwa kungekudala kuzohlala obala ukuthi iMK yiyona ethathe isinqumo esikahle futhi okumele izwe lonke liseseke.Ukuphikile ukuthi kukhona uxhaso lwemali olutholwa yileli qembu oluvela eMorocco.

''Akukho lutho okuvela eMorocco okutholwa yileli qembu. Akukho futhi asake sakuthola akukho nesikubhekile kodwa senza lokhu esikholwa ukuthi kumele sikwenze,'' usho kanjena.