UMENGAMELI wokuqala wenhlangnao yabangcwabi uNkk Nomfundo Mcoyi Zondo ngesikhathi engena emcimbini wokumamukela obuse-ICC eThekwini
Image: SITHUNYELWE
NKOSIKHONA CELE
UMENGAMELI wokuqala wesifazane wenhlangano yabangcwabi, iSouth African Funeral Practitioners Association (SAFPA), uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo ufuna kube khona okwenziwayo ukwandisa isibalo sabesifazane kanye nabantu abasha abangena kulo mkhakha. Lokhu ngezinye zezinto athe ziseqhulwini ezinhlelweni zakhe njengoba esanda kuqokelwa kulesi sikhundla.
Selokhu yasungulwa eminyakeni engu-26 eyedlule iSAFPA kungokokuqala ukuba iholwe ngumuntu wesifazane.
UNkk Mcoyi-Zondo ubekhuluma kwindumezulu yomcimbi wokwamukelwa kwakhe kanye nokwethulwa ngokusemthethweni obuse-ICC, eThekwini, ngempelasonto. Uthe njengomuntu wesifazane uzimisele kakhulu ngokuthi abacathulise abesifazane abanentshisekelo yokungena kwezokungcwaba kodwa abaye bazizwe bengenwa ngamanzi emadolweni.
"Sizoba nazo izinhlelo zokubalekelela bonke abesifazane abanentshisekelo yokungena kule mboni. Akumele kuqhubeke kanjena kube sengathi yimboni yabantu besilisa kuphela,'' usho kanjena.
Uthe bafuna nokuqinisekisa ukuthi siyanda nesibalo sabantu abasha abangena kulo mkhakha. Okwamanje uthe abantu abasha abakhona kule mboni yilabo abangena ngesikhathi beshiyelwa abazali babo ibhizinisi.
''Sikholwa wukuthi kungaba yinto enhle kakhulu ukubona abantu abasha bengena begxila ebhizinisini lokungcwaba. Sizimisele ngokuthi sibalekelele ngayo yonke indlela labo abafisayo ukungena."
UNDONDO Zuma, Bulelani Nodada, Qaqamba Nodada kanye noNhlanhla Nene ngesikhathi somcimbi wokubungaza umsunguli weCebolethu Funerals, uNkk Nomfundo Mcoyi Zondo e-ICC Isithombe: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers
Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers
Uveze nokuthi kuzokuba nezigcawu zokucobelela ngolwazi abangcwabi abasafufusa babanike amasu angabalekelela ukuze kuthuthuke amabhizinisi abo.
Mayelana nezinselelo ezikhona kule mboni uthe eqhulwini bazobheka ngeso elibanzi eyengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba.
Lo mcimbi ubuzinyaziswe yizicukuthwane nezikhulu ezahlukene.
Bekukhona neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba omhalalisele kakhulu uNkk Mcoyi-Zondo ngokugixabezwa ngesikhundla esiphezulu. NoMbhishobhi Vusi Dube weThekwini Community Church uthe kuyinto enhle kakhulu ukubona abesifazane benikezwa ithuba lokuhola.
UNgqongqoshe wokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uyincomile iSAFPA ngokungabheki ubulili kodwa inikeze isikhundla loyo muntu obonakala kumfanele ukuhola. Umyeni kaDkt Mcoyi-Zondo, uDkt Bahle Zondo, umncome kakhulu ngokusebenza ngokuzikhandla ukwenza igama lakhe livelele.