Izindaba

Umakhelwane 'ubulale' omunye emcimbini wokumbulwa kwetshe

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI UMnuz Phumlani Gwala okuthiwa ubulawe ngumakhelwane wakhe

Image: SITHUNYELWE

SIYINDABA egudwini ebantwini bakwa-Z eMlaza isigameko sokubulawa kowesilisa kubuka wonke umuntu.

Kuvela ukuthi umufi uMnuz Phumlani Gwala (34) udutshulwe ngowesilisa ongumakhelwane wakhe wafa ngemuva kwengxabano.

Umthombo uthe kusuke uthuthuva besemcimbini wokumbulwa kwetshe obukhona endaweni. Uqhuba uthe umufi ubekade emi nentombi yakhe ngesikhathi umsolwa efika emdonsa efuna ukukhuluma naye ngenkani.

"Bagcine bekhulumile, yilapho-ke okubonakale khona bexabana kodwa balanyuliwe. Ngemuva kokuba belanyuliwe umsolwa ugodukile waya kubo," usho kanjena.

Uqhuba kuthe esebuya wabuya esephethe isibhamu kodwa esifihlile, ubuyele kumufi babonakala bexoxa kodwa kulokhu bekhulumela phansi.

"Asazi ukuthi bavumelane ngani ngoba sibabone sebenyuka beya ngasemgwaqweni okuyilapho umsolwa adubule khona umufi," usho kanjena.

Kuthiwa umufi udutshulwe yizinhlamvu ezine eyodwa esiphongweni ezinye emzimbeni.

Owomndeni kamufi obekhathazekile kakhulu, uMnuz Lungelo Hlubi, uthe bazibonele ebulawa ngesihluku uGwala.

"Ngimbonile emdubula," usho kanjena sakudangala. Eqhuba ukhale ngonya athe lukhonjiswe wumsolwa.

Uthe umsolwa lokhu ubekwenza ngenhloso njengoba engazange abaleke kodwa eye kubo ngemuva kokudubula umufi.

"Leya nto ubeyenza enenhloso enkulu. Uyena owaziyo ukuthi lokhu bekumayelana nani. Kodwa siyabufuna ubulungiswa ," usho kanjena.

Uveze ukuthi bamphuthumise esibhedlela saseSiphingo umufi nokuyilapho okufike kwamenela khona.

Umsolwa kuvela ukuthi uziphilisa ngokuba wunogada.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukubulawa komuntu eMlaza. Uthe kusolakala ukuthi umufi udutshulwe ngumuntu amaziyo ngemuva kwengxabano ababe nayo. Umsolwa uboshiwe.