UNKK Gugu Mtshali okhathazwa ngamadoda afela ngaphakathi uma enezinkinga ezahlukene
Image: SITHUNYELWE
UKHUTHAZA amadoda ukuthi angafeli ngaphakathi kodwa abhoboke ngezinkinga eziwahlalisa lubhojozi emindenini nasemisebenzini owesifazane ongumsunguli wenhlangano Amaqhawekazi Anamandla Movement, uNkk Gugu Mtshali.
UNkk Mtshali ongowaseNagina ngokuzalwa uthi amadoda amaningi afela ngaphakathi noma sekunzima kangakanani ngoba nakhu ebambe elokuthi indoda kayikhali. Udalule ukuthi le nhlangnao isungulwe ngo-2019 futhi ngaleso sikhathi umbono ngokusungulwa kwayo kwabe kungukulekelela ekwelashweni kwabesifazane abanezilonda azibhibhayo ezidalwa yizinkinga ezahlukene.
''Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwangena nabantu besilisa, okuvelile wukuthi nabo abakhulumi ngoba bebambe elokuthi indoda kayikhulumi ekubeni benezinkinga ezahlukene abazivalele ngaphakathi kubona,'' usho kanjena.
Phakathi kwezinkinga ezijulile athe amadoda azivalele ngaphakathi kubalwa eyezingane okwathiwa ngezawo kwagcina kuvela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kakunjalo. Lena uthe yinkinga esiyinsakavukela kodwa ewabulala ephila amadoda kodwa akhethe ukuthalalisa kube sengathi akwenzekanga lutho kube konakele.
''Lena ngenye yezinkinga amadoda amaningi azithola ebhekene nayo kodwa kuba lukhuni satshe kuwona ukuba aphumele obala ngalokhu. Kule nhlangano ke siyawalalela amadoda kakhulu futhi siyawakhuthaza ukuthi akhulume kunokuthi afele ngaphakathi,'' usho kanjena.
Uthe nabo njengabantu besifazane bayakuvuma ukuthi akhona amadoda ahlukunyezwayo ngakho ke lokhu uthi akumele kushalazelwe.''Kuyinyanga yamadoda iqiniso okumele silikhulme njengabantu besifazane wukuthi akekho phakathi kwethu ofisa ukubona indodana yakhe ihlukumezeka kumbeke abone umyeni wakhe ehlukumezeka,'' usho kanje.
Uthe udaba lweGBV kakumele lubukwe ohlangothini olulodwa kodwa kumele lubukwe ngeso elijulile futhi lubukwe kuzona zombili izinhlangothi kwabesifazane kanjalo nakwabesilisa.''Uma kukhulunywa ngeGBV akumele kuwakheke isithombe sowesilisa ehlukumeza owesifazane, kodwa kumele kubuye kucatshangwe indoda ihlukunyezwa nayo,'' echaza.
Ukhale kakhulu ngokuthi maningi amadoda ahlukumezekayo egameni lothando.''Uma siyimbokodo singasukuma silwe ngomkhuleko singavumi ukubona amadodana athu ehlukumezeka ngenxa yothando ngabe senze umsebenzi omuhle kakhulu,'' usho kanjena.
Uthe kugcina sekuphuma nezidumbu ngenxa nje yokuthi amadoda ayehluleka wukukhuluma futhi akekho ozimisele ngokuwalalela.Uthe le nhlangano ivulelekile ekulalelweni kwezikhalazo zamadoda nokuwacebisa kanjalo futhi yinto efanayo nakubantu besifazane.
Related Topics: