MNOTHO 'Nkunzevava' Mngomezulu
Image: Sithunyelwe
UTHANDO lomculo kamaskandi kanjalo nokugida ingoma luqale ngesikhathi efunda ukukhuluma nokuhamba ujahidada oshone nabane engozini enyantisa igazi eBergville, KwaZulu-Natal, ngeSonto.
Lokhu kuvezwe nguNksz Hloniphile Mbatha, ongunina kamufi, uMnotho Mngomezulu (2) obedume ngelikaNkunzavava ezinkundleni zokuxhumana waseNorkem Park, eGoli.
Kule ngozi kubuye kwadlula uyise kaNkunzavava, uMnuz Bongumusa Mngomezulu, umzala wakhe uLungelo Makhungo (15), Mthabiso "Sthalala" Mahlangu bese kuba owesihlanu ongakaziwa, obeshayela iPolo VW eliyimoto yesibili eshayisane mahlanze naNissan Magnite ebinabafi.
MTHABISO 'Sthalala' Mahlangu
Image: Sithunyelwe
Elandisa Isolezwe uNksz Mbatha uthe kubo bayikhaya elizifelayo ngomculo kamaskandi, waveza ukuthi amalungu amabili omndeni abengamagidangoma omculi kamaskandi uSibonelo “Khotha” Hlongwane.
“UMnotho kuthe uma eqala efunda ukukhuluma nokuhamba, wabona umalume wakhe uSiphelele Mbatha (osindile engozini, osesibhedlela) noLungelo (umufi) begida, becula umaskandi. Akazange azithambise, naye ubevele abajoyine,” kusho uNksz Mbatha, obezwakala ukuthi umoya wakhe udangele.
Uqhube wathi kuqale ngawo unyaka odlule ukuthi bamthathe bahambe naye uma beyogida emicimbini ehlukene.
“Bengikhululeka uma beye kwelana eGoli, ngoba ibiseduze. Kuthe sebeqala ukuhambela nezinye izifundazwe, ngibe sengicela ukuthi bahambe noyise ukuze kube nomuntu ozomnakekela ngendlela,” kusho uNksz Mbatha.
Uthe kwenzeka le ngozi, babehambe ekhaya ngoLwesihlanu beya kogida komunye umcimbi KwaZulu-Natal.
Uthe bebengabantu obekufanele babuye ngeSonto, wathi njengoba behlelwe yingozi eBergville, bese besendleleni bephindela eGoli.
MUSA Mngomezulu
Image: Sithunyelwe
Uthe simuncu isimo emndenini kulandela ingozi ngoba babengakaze bacabange ukuthi bangalahlekelwa yingane ngendlela ebuhlungu ngalolu hlobo.
Uthe okunye okuvule umgodi ezinhliziyweni zabo wukulahleka kukaLungelo, athe uyingane kadadewabo ebisafunda kwaphinde kwabhubha noyise kaNkunzavava.
Uveze ukuthi likhona elinye ilungu lomndeni elisesimeni esibi esibhedlela.
Isolezwe likhuluma noKhotha uthe kuselukhuni satshe ukwamukela ukulahlekelwa ngamalungu eqembu lakhe amane, kwalimala nabanye ababili okubalwa kubona ingane yakhe intombazane, owesifazane ahlekisana naye nelinye ilungu leqembu, okumanje basesibhedlela.
Uthe abafi bebengamagindangoma bebehamba ngeNissan Magnite, eshayisane mahlanze nePolo Vivo, iPolo yagqamuka amalangabi.
Engxoxweni neSolezwe, uKhotha uveze ukuthi ungowakhona eBergville, wathi kwehle le ngozi kade benandisa emcimbini obungoMgqibelo ebusuku.
UKhotha uthe bekumele ngabe bagoduke okungenani ngoMsombuluko noma namhlanje bephindela eGoli lapho bezinze khona ngomsebenzi nangomculo, kepha ngenxa yesimo sokuthi kukhona obekumele baphuthume emsebenzini kwaphoqa ukuthi bahambe ngeSonto, kanti sekuzoba wukulimala kwabo kanjalo endleleni, bengasafikanga lapho bebeya khona.
"Kubuhlungu kakhulu lokhu okungehlele ikakhulu ngoba ingxenye yalaba bafowethu ikhulele esandleni sami kusuka ngiqala ukugxila emculweni ngo-2019, abanye babo baze bakwazi ukuzimela nokuziphilisa nemindeni yabo. Kubi kakhulu nokukaNkunzavava ngoba ubesemncane kakhulu, futhi ekhombisa ukuvuthwa kulo msebenzi esiwenzayo wobuciko, nabantu bebemthanda kakhulu kusukela aqala ukulandela omalume bakhe esinabo eqenjini, njengoba naye bese sihamba naye emicimbini esinandisa kuyona," kusho uKhotha.
Udalule ukuthi kumanje uphithene ikhanda njengoba esesele namalungu amathathu kuphela eqenjini labo, kanti futhi akwaziwa ukuthi kuzohamba kanjani ngalaba abathathu abasesibhedlela, nabo abalimele kabi.
LUNGELO Makhungo
Image: Sithunyelwe