Bagwetshwe kanzima abalahlwe elokubulala isikhulu sikamasipala Alfred Duma u-Oscar Hlatshwayo osesithombeni.
Image: Facebook
Inkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe uNomaswazi Angel Shabalala, uMondli Mabaso, uMduduzi James Zakes Njuza noNqobile Brown Ngcobo udilikajele ngecala lokubulala abalenza ngo-2019 eLadysmith. Umufi uSimangaye Oscar Hlatshwayo wayeyi Executive Director: Technical Service kuMasipala i-Alfred Duma. UShabalala ehlangane nabanye bakha uzungu lokusoconga uHlatshwayo.
Ngo-7 Febhuwari 2019, uHlatshwayo wasuka ekhaya kwakhe ngemoto eya emsebenzini. Ababulali bakhe bamlalela unyendle emgwaqeni ophithizelayo lapho okwakuphoqa khona ukuthi anciphise isivinini semoto. Abahlaseli badubula ngentululwane yezinhlamvu bebhekise kuHlatshwayo. Bamdubula ekhanda nasesifubeni washonela khona lapho endaweni yesigameko.
UMshushisi u-Advocate Cyril Selepe ubize ofakazi ababili abangaphansi kuka-Section 204, ubufakazi be-video,ubufakazi bamaselula nombiko wezibhamu.
U-Advocate Selepe ekhonga isigwebo esiqinile, wethule isitatimende somfelokazi kaHlatshwayo asibhale eluswe wuVictoria Griffiths oyi-Court Preparation Officer. Uthe umyeni wakhe ubewumngani wakhe omkhulu futhi wuyena obekwazi ukondla ekhaya.