ISIHLOKO: Busisiwe 2.0
UMCULI: Cici
UHLOBO: Afro soul/Pop/House
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
CICI
Image: FACEBOOK
UBUSISIWE Thwala yintokazi engumculi nomlingisi edabuka eMnambithi. Sekungumlando ukuthi ikhono layo lavumbululwa yinkosi yekwaito u-Arthur Mafokate isazibiza ngoBeekay. UCici (38) wazakhela kakhulu udumo ngomucu awukhipha ngo-2015 owawuthi Runaway ngawo wahlabana ngemiklomelo emibili kumaMetro FM Music Awards ngo-2016.
Le-albhamu yelama ayikhipha ngo-2021 eyayithi Sukulila. Empeleni waqala ngethi Busisiwe ngaphansi kwe-Ambitiouz Entertainment ngo-2017 njengoba eyesibili eseyibiza ngoBusisiwe 2.0. Leli cwecwe alikhiphe muva nje liqukethe izingoma ezingu-14.
Engikuqaphelile wukuthi lithakwe ngezinhlobonhlobo zomculo futhi eziningi ezokholo. Kuzona kukhona ayenze noNaledi Aphiwe ethi Amen, ayenze noZuko SA ethi Ngizofakaza nethi Buya. Iqala nge-intro evusa umunyu njengale ethi Amen. Ngaphandle kukaZuko SA noNaledi Aphiwe, uCici ubuye wapika uBoyPee, Hyce noMimi Mars. Ezinye izingoma ezimnandi kule-albhamu ngezithi Inkululeko, Falling For You, Imoto, Shona Malanga, Impumelelo, Nguwe nethi Awuyindawo.
Uyezwakala uCici ukuthi usevuthiwe emculweni nezwi lakhe livuthiwe. Yisibhakabhaka kuphela esesingavimba ikhono lakhe.