BEKUYINJABULO yodwa ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni uhlelo lwamanzi wuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo eSabhuza naKwaSokhulu ngoLwesihlanu Isithombe: SITHUNYELWE
Image: SITHUNYELWE
BADONSWE ngendlebe ukuthi bangazidonseli amanzi abantu bakuMasipala waseMfolozi ukuze kugwemeke inkinga yokungatholakali kwawo ngendlela. Banxuswe ukuthi bawaphathe kahle amanzi ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokufakwa kwengqalasizinda yamanzi kuma-ward amabili okungu-ward 12 eSabhuza naku-ward 01 eNgome, KwaSokhulu, ngoLwesihlanu.
Lolu hlelo obelwethulwa uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo luxohlomulisa abantu bakule ndawo njengoba kukhona abazocosha amathuba omsebenzi kulo msebenzi ozoqalwa kuleli viki. IMeya yoMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ithe kuzoqinisekiswa ukuthi abantu abahlomula kulo msebenzi yizakhamuzi zaseMfolozi.
MPHAKATHI udonswe ngendlebe ukuba ungazixhumeli amanzi ngokungekho emthethweni ngisekhathi kwethulwa uhlelo lwamanzi eNgome wuMasipala wesiFunda iNking Cetshwayo
Image: SITHUNYELWE
UBhengu uthe kuzoqinisekiswa ukuthi kuzoqashwa ngendlela enobulungiswa kanti nabakhubazekile angeke basale ngaphandle kwabazothola amathuba omsebenzi. Unxuse ukuthi kusetshenziswane kahle nosonkontileka kuze kuphothulwe umsebenzi. IPhini leMeya yaseKing Cetshwayo, uNksz Philile Xulu, lithe inkinga yamanzi ebhekene nezakhamuzi zaseKing Cetshwayo bayayazi yikho abenza imizamo yokuthi bayixazulule.
Linxuse izakhamuzi ukuba zingazidonseli amanzi ngoba lokho kubanga inkinga kube khona abagcina bengawatholi. Uthe uma lolu hlelo seluphothuliwe, umthamo wamanzi azobe ekhona azobe enele ompompi abafakwe iKing Cetshwayo.
"Uma umphakathi usuqala uzidonsela wona kuzoba nezinkinga zokuthi umphakathi ukhale ngokungawatholi. Uma sekwenzeka njalo, nisuka niqonde ekhanseleni, senishisa amathayi, ningasasolani nodwa enenza lokho."
Bekuqhuma ihlombe kubantu bendawo uma sekukhulunywa ngokuhlomula ngamathuba omsebenzi kanye nokuthi lo msebenzi uzophothulwa ngo-Okthoba.