INDAWO yesigameko lapho okutholwe khona owesilisa obethunjiwe esebulewe
Image: REACTION UNIT SOUTH AFRICA
USADIDEKILE umphakathi waseMaoti, eNanda, kulandela isigameko sokuthunjwa kowesilisa ngabantu abangaziwa ngoLwesine, kwatholwa isidumbu sakhe ngasemfuleni wendawo, edutshuliwe ngoLwesihlanu.
Ngokusho komunye wezinhlaka eziqapha ubugebengu endaweni ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa, abasolwa kuthiwa bafika kubo kamufi, bamthatha ngenkani bahamba naye.
“Umndeni wakhe umcinge usuku lonke ngoLwesine kanjalo nangoLwesihlanu ngaphambi kokuthi kutholwe isidumbu sakhe ngasemfuleni wendawo ngakolindela bendawo,” kusho umthombo.
Uthe akwaziwa ukuthi yini umufi abeyibange nabasolwa abakhethe ukumenzakalisa.
Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa) uMnuz Prem Balram ihhovisi labo elisePhoenix, lithole ucingo ebantwini ebebecela usizo emva kokuthola isidumbu.
“Onogada bethu kanjalo nalabo bezimo eziphuthumayo banikele endaweni yesigameko, bazithela phezu kwesidumbu sikamufi sisongwe ngoseyili oqinile omnyama,” kusho uBalram.
Uthe umufi ubenenxeba elilodwa lokudutshulwa esiphundu, waphinde waba namanxeba okushaywa ngento engacijile emzimbeni.
“Kusolwa ukuthi umufi ubulawelwe kwenye indawo, kwase kuthi isidumbu sakhe sayolahlwa eduze komfula,” kusho uBalram.
Ngokusho kukaBalram, umndeni uthe umsolwa ugcine ukubonwa ephila ngoLwesine ngesikhathi yena nesihlobo esineminyaka engu-12 beyokha amanzi empompini ongaphesheya komgwaqo.
“Kuthiwa kufike amadoda amabili abaxakazisa, ase ephoqa umufi ukuthi ahambe nabo. Isihlobo sigijime saya ekhaya ukuyokwazisa umndeni, ophume wamcinga yonke indawo umufi kodwa wangamthola,” usho kanje.
Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula.
Related Topics: