Bangu-12 abalimele kweyetekisi nebhasi kuSarnia Road
Image: ALS PARAMEDICS
Kubikwa ukuthi bangu-12 abagibeli abalimale engozini embi ebandakanya ibhasi netekisi kuSarnia Road, eRossburgh ngaphambi nje kuka-6am ngoLwesibili ekuseni.
Abe-ALS Paramedics Medical Services bafike endaweni yesigameko bathola isibhicongo sabantu abaningi belimele ngemuva kokushayisana kwebhasi netekisi ebigcwele. Abezimo eziphuthumayo basheshe baqala uhlelo lokuvivinya abalimele futhi ngokushesha babiza ama-ambulensi engeziwe kanye nezimo eziphuthumayo ezithuthukisiwe zokusekela ukuphila ukuze basize abasesimweni esibucayi.
Abantu abangu-12 balimele ngezindlela ezahlukene kusukela kokuphakathi kuya kokubi kakhulu futhi baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe. Okwamanje imbangela eholele kule ngozi kayaziwa.