Abhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo amaphoyisa ayishumi aboshwe eKurhuleni
Image: Courtney Africa / Independent Newspapers
Amaphoyisa ayishumi ophiko lweSAPS namaphoyisa kamasipala waseKurhuleni aboshwe esemsebenzini ngoMsombuluko ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoLwesibili.
"Kusolakala ukuthi ngoJuni 4 ngesikhathi abomthetho besebenza izizinda ezahlukene, abasolwa bagasela esitolo e-Edenvale nokuyilapho bashaqa khona ugwayi bathatha u-R35 000 kanye namaphilisi ekhanda abiza u-R5 000," kusho okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate uLizzy Suping.
OConstable abayisishiyagalolunye nosayitsheni babophe isisebenzi sasesitolo ngokudayisa ugwayi ongekho emthethweni kanye nesinye isisebenzi ngokwephula imithetho yokuthuthela kwelinye izwe.
"Kusolakala nokuthi la maphoyisa aboshiwe ahlulekile ukuqopha yonke impahla eshaqwe esitolo ngesikhathi efika esiteshini samaphoyisa. Umphathi wesitolo waba nesikhalazo nenani nohlobo lwempahla ebhukhwe encwadini yamaphoyisa kumphathi siteshi."