OkaMaskandi ugqemeke engeqiwa ntwala ngale ngozi
Image: Facebook
Umculi kamaskandi uKhotha ugqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni amagidangoma akhe amane, okunguNkunzavava, Sthalala, Mcondo noMgqomezulu engozini enyantisayo eyenzeke eBergville.
UNkunzavava ubesephenduke isilomo ngenxa yezimanga abezigila esteji yize esewujahidada. Kule ngozi kushone abantu abahlanu.
Umculi kaMaskandi umemezele kudlula kwamagidangoma akhe amane
Image: Facebook
Ngokwemibiko, kushayisane izimoto enye yezimoto igqamuka amalangabi, omunye wabashonile kubikwa ukuthi ushe kulo mlilo.
Umphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, udlulise amazwi enduduzo waphinde wathembisa nokweseka imindeni elahlekelwe.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe,” kusho uDuma. “Ngithumele ithimba elivela ehhovisi lami kanye ukuthi liqinisekise ukuthi liyayithola imindeni yabashone kule ngozi enyantisayo.”
Wengeze ngokuthi uMnyango uzosebenzisana kakhulu nemindeni ethintekile ezinsukwini ezizayo.