Izindaba

Kutholakale isidumbu esisodwa emotweni engqongqe kuN2

Nonkululeko Nhlapo|Published

Enye yezimoto ezimbili ezitholane phezulu kuN2 ngaseGingindlovu

Image: IPSS MEDICAL RESCUE

Abezimo eziphuthumayo baqinisekise ukutholakala kwesidumbu esisodwa emotweni eshe yangqongqa ngemuva kokushayisana nenye kuN2 ngaseGingindlovu ngeSonto ebusuku.

Abantu abane abebehamba nemoto yesibili nabo balimele. "Owesilisa (34) nowesifazane (31) balimele kabi kwathi izingane ezimbili ezineminyaka emibili nemine ubudala bathole imibuzo," kusho abe-IPSS Medical Rescue ngesitatimende.