UMSOLWA uNksz Neliswa Nompilo Thusini evele enkantolo ngecala lokubulala izingane zakhe
Image: ZIMBILI VILAKAZI
USEZINHLELWENI zokuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo uyise wezingane ezimbili okuthiwa zabulawa wunina eNgonyameni, eMlaza, ngenyanga edlule.
Lokhu kuvezwe uninakhulu wabafi, uNkk Nelisiwe Mkhize, izolo eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, emva kokuvela kukamsolwa, uNkk Neliswa Nompilo Thusini (28).
UNksz Thusini usolwa ngokuklinya indodana yakhe eyayizohlanganisa izinyanga ezimbili izelwe uNqobizitha Thusini nendodakazi yakhe eyayineminyaka emibili, uNozibusiso Thusini.
Izidumbu zabafi zatholwa abantu ababedlula ngendlela ngoJulayi 13. Zazisongwe ngengubo yokulala yezingane, phakathi kushuthekwe ipheshana elibhalwe inombolo yeselula kagogo nekayise wazo.
Izolo ugogo wazo, uNkk Mkhize, uveze ukuthi indodana yakhe, uMnuz Njabulo Khuzwayo, enguyise wabafi, isibhalisele ukuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo.
“Besizitshela ukuthi unawo amandla okumelana nalesi simo. Kodwa kuthe emva kokuba umsolwa elokhu emfonela njengoba esejele, wakhombisa izimpawu zokungabi esimeni esikahle,” kusho uNkk Mkhize.
Udalule ukuthi umsolwa njengoba ebelokhu efonela uyise wezingane zakhe ubefuna ukuthi amlethele izingubo zakhe ejele.
“Sisola ukuthi lokhu kumvusele amanxeba. Usebhalisile ukuthi athole usizo lokwelulekwa ngokomqondo,” kusho uNkk Mkhize.
Ngaphakathi enkantolo ummeli kahulumeni obemele umsolwa, uNkk Shamika Sahdeo utshele inkantolo ukuthi emva kokuxoxisana nomsolwa isikhathi eside, belekelelwa nangutolika, umchazele ngezizathu zokuthi kungani uMbuso uthi uzosiphikisa icelo sebheyili.
“Ugcine ethatha isinqumo sokuthi asilaxaze isicelo sakhe sebheyili,” kusho uNkk Sahdeo.
UMshushisi woMbuso, uMnuz Khulekani Mzotho, ephakamisa ukuthi lihlehliswe icala uthe kusekhona uphenyo olushodayo.
“Phakathi kwalo wukuthi umsolwa abhukhelwe esibhedlela sabathikamezeke ngokwengqondo, iFort Napier ukuze ayohlolwa,” kusho uMzotho.
Uphinde waveza nokuthi nombiko wokuhlolwa kwezidumbu ozocacisa ngembangela yokufa kwezingane, nawo usashoda.
IMantshi, uMnuz Gqada, igama layo elingatholakalanga, ilihlehlisele uSepthemba 4 icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Ephawula ngokulaxaza ibheyili kukamsolwa, uNkk Mkhize uthe kubajabulisile.
“Kusikhululile ukuthi naye abone ukuthi akufanele aphume. Besizophatheka kabi ukuba ubeyithola ngoba besizibona singaphephile. Siyamesaba,” kusho uNkk Mkhize othe njengoba eyinqabile bazoke bathole ubuthongo.
Ngaphakathi enkantolo, umsolwa uke waqale wazithulela nje ngesikhathi ebizwa ukuba aphakame lapho abehleli khona ukuze ame ebhokisini. Uze wasukuma igama lakhe selibizwa okwesibili, nemantshi isivule amehlo imangazwa wukuthi uhlaleleni phansi ebizwa.
Ezithamelini bekukhona umndeni kayise wezingane, abebezoweseka kanjalo nezishoshovu ze-ANC zendawo.
Related Topics: