Izindaba

Kuzokhunjulwa izingwazi zikamaskandi kwiMpucuzeko

Charles Khuzwayo|Published

UDUMISILE KAMANANA MTHALANE

Image: Facebook

UBUSANI 'NTSHEBE' KHUZWAYO

Image: SIGCINIWE

KWIMPUCUZEKO Maskandi Festival yakulo nyaka, eseMoses Mabhida Stadium: People's Park, eThekwini, ngo-Agasti 30, amehlo amaningi azobe ethe njo emaqenjini abesifazane asemnkantshubomvu kule ndimi, Imithente neZingane Zoma.

Okwenza lokho ukuthi kuzobe kungokokuqala ngqa emlandweni walo mcimbi la maqembu enandisa kuwo ngaphandle kwemigogodla yawo. Imithente ishiywe emhlabeni ngomunye wabasunguli bawo futhi obesecula phambili kuleli qembu, uDumisile kaManana Mthalane (61) esibhedlela saseVosloorus, eGauteng, iThelle Mogoerane Regional Hospital ngo-Ephreli 27, kulo nyaka. Ubengeniswe kulesi sibhedlela exinwe yisifo sikashukela, enenkinga emaphashini futhi ene-BP.

Omunye wamadodana kaDumisile futhi eyilungu leMithente, uHlanganani Mthalane, uthe abantu bazobona ukuzimisela okusemandleni "kwazise umama ngoba engasekho nje kumele sizibonakalise ukuthi ukuguqa kwakhe akusenzanga saba ntekenteke kodwa kusenze saba namandla. Laphaya sobe sigubha impilo namagalelo akhe nendlela asikhulise ngayo siyintsha eseMithenteni."

UHlanganani ubonge kakhulu kubagqugquzeli beMpucuzeko ngokuba nesibindi sokubathemba ngokubaqasha yize bezobe bephefumula ngenxeba. 

"Ngiyathembisa ukuthi ngeke bazisole. Kuyimanje ngifake isicelo kubahleli beMpucuzeko ukuthi Imithente idlale bukhoma ukuvezela abantu ukuthi sisazoba khona endimeni," kuphetha uHlanganani othe kunezingoma ezintsha abazoziqhulula ngalolu suku. 

Izingane Zoma zigqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni umsunguli futhi obezidlalela isigingci uBusani "Ntshebe" Khuzwayo (62) esibhedlela saseDundee, ngoMeyi 9, kulo nyaka. Nakuba ocula phambili kuleli qembu, uThandoluni Phungula, ethe kuzobe kunzima kakhulu kodwa uthembise ukuthi bazoyibamba ishisa insimbi ize ipholele ezandleni.

Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuthi bayalimela igama lakhe ukuze ajabule lapho ekhona. Kulo mcimbi wonyaka weshumi nambili, kuzobe kusina kudedelana abaculi abaningi abanjengoGatsheni, Khuzani, Stabilithi, Mzukulu, Igcokama Elisha, Menzi, Mjolisi, Jaiva Zimnike, Imfezemnyama, Jumbo, Limit, Amageza Amahle, Inkosi Yamagcokama, Ithwasa Lekhansela, Bahubhe, Sminofu, Mashelela, Mroza, Mfiliseni Magubane, Ntencane, Falabo, Mdumazi, Buselaphi, Inyonemhlophe, Saliwa, Mafikizolo, Amaviyo, Amavikelambuso, Dumakahle, Qhosha, Cevuzile, Mkhulekelwa, Njoko, Skweletu, Ali Mgube nabanye. Amathikithi okuthamela lo mcimbi, oxhaswe wuMasipala weTheku nohulumeni wesifundazwe, aseyatholakala eComputicket ngo-R150.