UMUNYU bewubhalwe ebusweni emndenini kaMartin Ziqubu, u Ziqubu, uNkk Zandi Mavuka nendodana kamufi uLindisipho Ziqubu enkonzweni yesikhumbuzo kwaSABC eThekwini ngoLwesine
Image: Tumi Pakkies/ Independent
KUVELE obekungaziwa ngozakhele udumo emkhakheni wokulingisa emidlalweni yomoya neyethelevishini uMartin Edward Ziqubu enkonzweni yesikhumbuzo sakhe ebisezindlini zokusakaza zakwaSABC, eThekwini.
Obengumngani futhi enguzakwabo kaZiqubu (68) emkhakheni wokulingisa uMzi Ndlovu (37) uveze ukuthi umufi usinde ezigamekweni eziningi, okubalwa kuzo esokushiselwa umuzi eMnambithi nesokuhlaselwa yinkabi eyayimzingela.
Eqhuba uNdlovu uthe uZiqubu ubenabantu abadala kangangoba ubekwazi ukubona into ingakamehleli futhi enesiphiwo sokuchaza amaphupho. Umufi, obebuye abe yiphimbo lalo msakazo, uchazwe njengomuntu obesigcina isikhathi, ehlonipha futhi efana nenomfi ebihlanganisa umndeni wakubo.
Izikhulumi eziningi zithe zincinde kakhulu kulolu dengezi lwakwaZiqubu. Indodana kamufi, uMnuz Lindisipho Ziqubu, ithe namanje ayikazi ukuthi kwenzekeni kuyise ngoba ubewumqemane futhi ubengakhombisanga izimpawu zokugula.
ABASAKAZI boKhozi FM, uLondo Mbatha, Dudu Khoza, Lee Hlophe noTshatha Ngobe bebehambele inkonzo yesikhumbuzo sikaMartin Ziqubu kwaSABC
Image: Tumi Pakkies/ Independent
"Bengingavamisile ukumphupha ubaba kodwa ngosuku ashona ngalo ngamphupha."
ULindisipho ubonge kakhulu abaphathi boKhozi ngokuqoka uyise njengephimbo lomsakazo ngenxa yokuthi uZiqubu ubekuthakasela kakhulu ukuba yizwi loKhozi kangangoba ubeze abachomele ngalokho kwakhe.
Umphathi woKhozi, uMnuz Lwazi Mthabela, uthe sebelahlekelwe kakhulu ngabasebenzi kulesi siteshi. Naye uMthabela uchaze uZiqubu njengomuntu obenekhono eliyisimanga enezwi ebelihlukile futhi lingungqaphambili.
Abakhulumele abanye abalingisi ngoMnuz Sibusi Madlala noMthandeni Khanyile nabo abahambe emazwini abantu abaningi ngentobeko kaZiqubu. Nomphathi wezinhlelo obebambile futhi oyisikhulu ophikweni lwemidlalo yomoya, uMandla "Mr Gold" Mdletshe, uthe ufunde lukhulu kuZiqubu.
Uhlelo beluphethwe wuMfu Lungisani Simelane, izwi beliphethwe wuMfu Sipho "Sgqemeza" Mbatha noMfu Mumbo Mkhize. Abebecula nguSgwili Zuma, Sebe Nzuza, Mpume Hlabisa noBingelela Mpanza. Kubantu ebebehambele le nkonzo kubalwa uVela Xulu ongumphathi weZwi Lomzansi FM nabasakazi boKhozi FM uThokozani MaMkhize Ndlovu, uNozipho Zulu, Tshatha Ngobe, Lee Hlophe nabanye.
UZiqubu uhambe emhlabeni ngoLwesine olwedlule emuva kokuxinwa wukugula. Uzofihlwa emathuneni asePhoenix ngoMgqibelo emuva kwenkonzo ezoba sesontweni iChrist Umsindisi Roman Catholic Church esigcemeni sakwaJ, KwaMashu ngo-9 ekuseni.
Umufi uzakhele kakhulu udumo emidlalweni yomoya kusukela ngo-1991, ikakhulukazi ngokulingisa indawo kaNgqongqo kwiKusa Kusa nekaGombela kwiNdandatho Yesithembiso.
Ngo-2018 ube eselingisa emidlalweni yethelevishini okubalwa kuyo Imbewu The Seed, Isibaya, eHostela, Uzalo, Amalanga Awafani noNomthawelanga. Ngaphambi kokulingisa uZiqubu ube nguthisha iminyaka ewu-40. Ushiye emhlabeni umkakhe uNkk Nhlanhla Ziqubu ,indodana kanye nabazukulu ababili.
YINGXENYE yabalingisi bemidlalo yomoya oKhozini ebebehambele inkonzo yesikhumbuzo sikaMartin Ziqubu kwaSABC, eThekwini
Image: Tumi Pakkies/ Independent