ELINYE ibhilidi okuhlala kulona abafundi basesikoleni saseNanda, Ohlange High - elinamagumbi alungiswe kabusha yiHollywood Foundation
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
ABAFUNDI bakwesinye sezikole zamabanga aphezulu esiseNanda, enyakatho yeTheku - Ohlange High, bakhuthazwe ukuthi banamathele emfundweni ukuze bacabe indlela yekusasa eliqhakazile okuzosiza ukwenza umehluko emphakathini owakhele ilokishi.
Lokho kwenzeke emcimbini obukulesi sikole ngoLwesibili ngenkathi iHollywood Foundation ivula kabusha amagumbi, okuthathe cishe iminyaka emibili ukuwalungisa kabusha, kubalwa ukushintsha ifenisha, wukulungisa ingaphandle nengaphakathi lawo, kwalungiswa nohlelo lokuphakela ngamanzi - okuzokwenza ukuthi aphume nsuku zonke noma ngabe anenkinga endaweni, konke okudle imali ebalelwa ku-R2.2 million.
Omunye wabaholi beHollywood Foundation, uMnuz Mpho Dintwa, uthe enye yezinto ezenze babona kumqoka ukuthi baxhase lesi sikole, enqwabeni yezikole ezibathintayo zicela ukusizwa ngezizathu ezahlukene, wukuthi singesinye sezikole ezindala zaselokishini futhi esinothe ngomlando omqoka kakhulu odweba isithombe salapho izwe livela khona.
UTHISHANHLOKO wasoHlange High, eNanda, uMnuz Siyanda Nxumalo, emcimbini wokwethulwa kwamagumbi akulesi sikole alungiswe yiHollywood Foundation
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
“Inhloso yethu ngalo msebenzi wukuqinisekisa ukuthi umlando walesi sikole awushabalali, nokuthi siqinisekise ukuthi abafundi abafunda kusona abakhali ngabakudingayo uma befunda esikholwa wukuthi kuzobakhuthaza ukuqinisa emfundweni yabo, bakwazi ukuphumelela bese beqhubeka beba wusizo emphakathini abawakhele. Nabo siyabanxusa ukuthi lo msebenzi esiwenzele bona bangawucekeli phansi, kepha baqikelele ukuthi konke kuhlale kusesimeni esihle ukuze kusize nabafundi besizukulwane esizayo,” usho kanje.
OMUNYE wesizukulwane sikaDkt John Langalibalele Dube, uMnuz Zweli Dube, uthishanhloko wasoHlange High uMnuz Siyanda Nxumalo noMnuz Mpho Dintwa weHollywood Foundation bevula ngokusemthethweni igumbi elihlala abafundi abafunda kulesi sikole, elilungiswe yiHollywood Foundation izolo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Uthishanhloko wakulesi sikole, esinothisa abawu-49 nabafundi abawu-1 442 - okuhlanganisa abawu-200 abahlala ngaphakathi esikoleni, uMnuz Siyanda Nxumalo, uthe kubajabulise kakhulu ukuthi kube nomsebenzi omuhle kangaka owenziwa kulesi sikole esesineminyaka ewu-127 okwenza babe nethemba lokuthi umlando waso omkhulu awusoze washabalala njengoba sakhiwa ngumsunguli weqembu lezepolitiliki i-African National Congress, uDkt John Langalibalele Dube, ongasekho emhlabeni.
INGAPHAKATHI lelinye lamagumbi okulala abafundi abahlala ngaphakathi Ohlange High, elilungiswe kabusha ngabeHollywood Foundation
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
“Kuyasikhuthaza ukubona izinhlaka ezizimele zibamba iqhaza ukuphucula izikole zethu ikakhulu ngoba siyazi ukuthi uMnyango wezeMfundo ubuye ungabi nawo amandla okuthi kwenzeke ezinye izinto esizifisayo ukuthuthukisa izinga lokufunda ezikoleni,” kusho uNxumalo.
Omunye wesizukulwane sikaDkt Dube, uMnuz Zweli Dube weJohn L. Dube Foundation, naye uzibongele kakhulu ngomsebenzi osuwenziwe, wathi ubona uzoba wusizo kakhulu lokuthi igama likakhokho wakhe nayekushisekela ngemfundo kume njalo, kungashabalali.