UMUFI, uMnuz Lifa 'Fah' Muloyi
Image: SITHUNYELWE
ISEYINDABA egudwini e-Unit 13, eMbali, eMgungundlovu, eyowesilisa obenezinsuku ezimbili ededelwe ngebheyili ejele okuthiwa ubulale umuntu ngesihluku kule ndawo ngenxa yentombi.
Kulesi sigameko okusolakala ukuthi senzeke ebusuku ngeSonto kodwa isidumbu saze satholwa ngoMsombuluko ekuseni, kushone uMnuz Lifa "Fah" Muloyi (34).
Ngokusho kwesihlobo esicele ukungadalulwa, umndeni uvuswe ngumuntu wendawo obedlula ngendlela elibangise emsebenzini entathakusa, ezithela phezu kukamufi edindilizile ngaphandle kwesango lakubo.
Silandisa ngesigameko isihlobo sithe umufi ubelimele kakhulu ebusweni, kukhombisa ukuthi ubengqimuzwa ngobuso etiyeleni kuphindelelwa.
Isihlobo sithe umsolwa, uMnuz Andile Ngubane, ngumuntu owaziwayo, ohlala e-Unit 15, khona eMbali, okuyibanga elilingana nekhilomitha elilodwa uma usuka endaweni yesigameko, uya kubo (kamsolwa).
Silandisa ngesehlo isihlobo sithe umsolwa ubevele emsongela ngokumbulala umufi engaphakathi ejele.
“Esikutholile wukuthi umsolwa uboshwe emasontweni ambalwa edlule, eboshelwa ukuhlukumeza owesifazane abethandana naye. Lona wesifazane kuthiwa wambophisa, wabe eseqhubeka nempilo, ethandana nomufi,” kusho isihlobo.
Siqhube sathi, lokhu kwafika ezindlebeni zikamsolwa engaphakathi ejele maqede waphathisa umyalezo ngabantu bendawo wathi "uzombamba".
Siveze ukuthi ngesonto ebusuku umufi ubemi ngaphandle kwesango nentombi ethintekayo ngesikhathi kuthushuka umsolwa ehamba nomngani wakhe.
“Kuthiwa wababuza ukuthi basaqhubeka kanti nale nto yabo, wabe egadla kumufi. Kuthiwa umngani ayehamba naye wazama ukulamula kodwa umsolwa wamshaya, waze wabaleka. Kuthiwa waphendukela entombini, nayo wayithela induku, yabaleka nayo, wase ebuyela kumufi,” kusho isihlobo.
Siveze ukuthi bayabona ukuthi umsolwa wamhlula umufi ngamandla njengoba ambulala ngokumsakaza etiyeleni ephindelela waze washona.
Uthe sibethusile isigameko futhi bayafuna ukubona ubulungiswa.
Ubonge onogada benkampani iNjoms Security, okuthiwa basukumele phezulu emva kokubikelwa ngesigameko maqede wabanjwa umsolwa, waboshwa.
UMnuz Bruce Mhlongo wale nkampani yonogada uthe kusebenzile ukuthi balusukumele phezulu udaba maqede bazenzela olwabo uphenyo olusheshayo, umsolwa zamkhalela.
“Emva kokufika endaweni yesigameko sithole umkhondo othi umufi ubulawe wumsolwa othile oqeda kuphuma ejele. Siye kwelinye ikhaya lakubo eliKwaDambuza sayomfuna, sangamthola,” kusho uMhlongo.
Uthe umndeni ubatshele ukuthi umsolwa abamfunayo uboshiwe.
Uveze ukuthi ngisho namaphoyisa asho okufanayo, angafuna nokuyiphenya eyezinsolo zokuthi umsolwa ungaphandle.
“Sidlulele ekhaya lakhe elise-Unit 15, nabo baphika balala ngomhlane ukuthi ungaphandle,” kusho uMhlongo, othe bavele bacindezela eyokuthi kuseshwe zonke izindlu, okubandakanya nalezo ezingaphandle.
“Simbhadame ecashe kwenye yazo, engekho obembonile, nobazi ukuthi ukhona. Ubeseze wazishutheka ngaphansi kukamatrasi, samvundulula khona,” kusho uMhlongo.
Uthe bathole ukuthi ubehlele ukuthi kuhlwe bese eshaya utshani njengoba bese epakishe ngisho nesikhwama ebesigcwele izingubo zakhe zokugqoka.
Udalule ukuthi umsolwa ngumuntu owaziwa ngamacala abucayi okukhona kuwo awokubamba inkunzi kuhlonyiwe nokubulala.
Ukhale ngamaphoyisa ahudula izinyawo uma kufanele enze umsebenzi, wathi ngisho nomphakathi usunengekile ngalokhu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa esiteshi sasePlessislaer avule icala lokubulala kulandela isigameko sokutholwa kowesilisa ebulewe ngaphandle kwesango lakubo ngoMsombuluko elokishini iMbali.
“Ubenenqwaba yezingozi. Imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.
Related Topics: