Izindaba

OwoKhozi ushone ephuma emhlanganweni

Charles Khuzwayo|Published

UMNNDENI uthi ubengumqemane umlingisi wemidlalo yomoya neyethelevishini oshonile, uMartin Edward Ziqubu

Image: FACEBOOK

UMNDENI wobengumlingisi wemidlalo yomoya neyethelevishini futhi eyiphimbo loKhozi FM, uMartin Edward Ziqubu, uthi nawo ushaqekile ngokudlula emhlabeni kwalesi silomo. Ngokusho kukankosikazi kaZiqubu, uNkk Nhlanhla Ziqubu, umufi ubeziphilela engumqemane ngoLwesine emini futhi kungebuhlungu ndawo.

"Ubeye emhlanganweni eThekwini ngabo-1 futhi kwahamba kahle konke. Uthe esebuya wezwa enqanyulekelwa wumoya. Ube esedlula kudokotela osesigcemeni sakwaM, KwaMashu lapho okufike kwamenela khona."

UNkk Ziqubu uthe umyeni wakhe sike samhlasela isifo sofuba ngoJulayi 2, waze wanikezwa isifutho kodwa kulokhu akasindanga.

Osabambile ophikweni lwezinhlelo emsakazweni uKhozi FM, uMandla "Mr Gold" Mdletshe uthe balimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kwaleli qhawe ngenxa yokuthi bese besebenze nalo iminyaka engu-26.

"Safikela kubo, i-drama isenziwa uDT Ngwenya, Bheki Msane noMuvo Maphalala (nabo abangasekho emhlabeni). Yibona abasemukela obaba uZiqubu kwa-drama, kodwa yena walethwa wumama uVicky Masuku owayekade efundisa naye. Ubaba u-Eric Ngcobo wayefuna umuntu onezwi elikhulu,  uVicky Masuku wahamba wayomcela ukuthi akazodlala imidlalo yomoya. Wafike wagila izimanga ngo-1991. (Kusukela lapho) akazange aphinde abheke emuva, kwagcina sekungena nakwi-tv. Ugcine sekunguye i-voice yomsakazo" 

UZiqubu (68), obedabuka eNtuzuma, eThekwini, ungene ekulingise ephuma ebuthisheni lapho asebenze khona iminyaka ewu-40. 

Ekulingiseni, abantu abaningi bazomkhumbula nasemdlalweni owawuthi Buchitheka Bugayiwe nakowuchungechunge owawuthi Kusa Kusa, lapho azakhela khona udumo ngokudlala indawo kaNgqongqo. Ushone edlala indawo kaGombela emdlalweni othi Indandatho Yesethembiso. Ngo-2018 ube esengena kwithelevishini emuva kweminyaka esaba ukulingisa khona. Emidlalweni yethelevishini aseke walingisa kuyo kubalwa i-eHostela, Isibaya, Durban Gen, Uzalo, Imbewu, Umjolo:Gone Wrong noNomthawelanga.

Ngo-2022 uZiqubu wahlonishwa ngendondo yekhethelo kuma-Excellence Teachers’ Awards ayeseLuthuli Museum, KwaDukuza. Ushiye emhlabeni umkakhe, indodana enguzinyobulala, uLindisipho nabazukulu ababili, uLindelwa noKhulani.

Esephetha uNkk Ziqubu uthe okwamanje abengakaphothulwa amalungiselelo omngcwabo kamufi.