Usale enkundleni umsolwa oyedwa kudutshulwana namaphoyisa eKK
Image: SAPS
Omunye wabasolwa abebefunelwa icala lokuzama ukubulala udutshulwe wafa kwathi ababili balimala ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaDabeka ngoLwesithathu ntambama.
NgoLwesibili, ngomhla ka-29 kuJulayi 2025, amaphoyisa amabili ayesemsebenzini eshayela emgwaqeni u-Danisa endaweni yakwa-Bester ngesikhathi edutshulwa abasolwa abayishumi.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko amaphoyisa akwazile ukubuyisela inhlamvu abasolwa babaleka. Womabili amaphoyisa athole imihuzukwana aphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.
Ukuthungathwa kwabasolwa kuqale ngokushesha kwathi ngoLwesithathu amaphoyisa aqoqa ulwazi mayelana nokuthi bakuphi abasolwa. Uphenyo luholele amaphoyisa ehostela laKwaDabeka eKK lapho bekucashe khona abasolwa abane. Ngesikhathi amaphoyisa esondela egunjini abebecashe kulo abasolwa, abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyiseni kwase kuba nokudubulana.
Umsolwa oyedwa udutshulwe wafa ngesikhathi sokudubulana. Abasolwa abathathu baphume ngamawindi, ababili babo batholwe ngaphandle benamanxeba okudutshulwa, baphuthunyiswa esibhedlela begadwe ngamaphoyisa.
Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana. Abasolwa abaphinde bayamataniswa nesinye isigameko sokubulala eNanda, batholwe nesibhamu nezinhlamvu ezingu-93. Olunye uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kutholwe ezinye izibhamu ezintathu.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo uma sebeluleme. Kusaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa abengeziwe.