Izindaba

Umasipala no-R53 million wokushintshwa kwepayipi lamanzi

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yesifunda uMzinyathi uNkk Thembisile Mchunu

Image: SITHUNYELWE

USEBENZISE imali engu-R53 million uMasipala waseMzinyathi ngenhloso yokushintsha ipayipi elidala lamanzi eliphakela imizi yaseNquthu elinganiselwa ku-17 500.

Lokhu kuqinisekiswe yiMeya yaseMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu. IMeya ithe bancamele ukuthi bakhiphe le mali ngoba ipayipi elidala bese liwohlokile.

AMALUNGU omphakathi waseNquthu ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokulungiswa kwepayipi

Image: SITHUNYELWE

Ithe kulokoza inhlansi yethemba ngokuxazululeka kwenkinga yamanzi ezingxenyeni ezahlukene zaseNquthu.

"Ngenxa yokubona ukuthi impilo yabantu isengcupheni sibone kungcono ukuthi simane silishintshe. Lokhu sikwenzela ukuphepha kwabantu futhi nabo sebezokwazi ukuthola amanzi ngaphandle kwenkinga,'' kusho iMeya.

Eqhuba, uNkk Mchunu, uveze ukuthi leli payipi lisuka eVans Drift Water liye eNquthu edolobheni. Uthe isigaba sokuqala nesesibili sokulungiswa kwalo siqalwe ngonyaka odlule. Izolo bese kuphendulwa isoyi esigabeni sesithathu.

''Sinethemba elikhulu lokuthi uma usuphelile wonke lo msebenzi zizoncipha nezinkinga zokuswela amanzi eNquthu,'' usho kanjena.

Uthe kungumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi abantu abazitholi bebhekene nengwadla yokuswela amanzi ngenxa yokuwohloka yokuguga kwengqalasizinda.

Kushintshwa ipayipi elidala nje kuzokhumbuleka ukuthi umphakathi waseNquthu uke waba nezikhalo ngenkinga yamanzi kule ndawo.

UMnuz Mdumiseni Maphisa oyilungu lomphakathi waseNquthu uthe kubajabulisile kakhulu ukushintshwa kwepayipi.

"Sibonga kakhulu kuMzinyathi ngokuhle osenzele khona,'' usho kanjena.

Uthe njengamalungu omphakathi bayajabula kakhulu uma izikhalo zabo zisukunyelwa phezulu bese kuba khona okwenziwayo ngazo.