I-video esuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana kuvela umama ebhemisa ingane
Image: X
KUBOSHWE abasolwa abathathu okukhona kubo umama namadoda amabili abaneminyaka ephakathi kuka-28 no-36 ngemuva kokusabalala kwe-video ekhombisa umfana oneminyaka emithathu enikwa izidakamizwa ukuthi abheme.
Ngokusho kwabeSouth African Police Services (SAPS), laba baboshwe ngemuva kokuthi uphiko lweGauteng Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) luthole umbiko ovela esiteshini samaphoyisa eSophiatown ngalezi sehlo. Ingane ilethwe esiteshini samaphoyisa ngamalungu oMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) kanye nogogo wayo.
"Ingane iqoshwe kwi-video inikezwa okubukeka sengathi yizidakamizwa futhi inikezwa lezo zidakamizwa ukuthi ibheme. Umphathi we-FCS Unit eGoli uLieutenant Colonel Marema Mogale nozakwabo baphendule ngokushesha umbiko abawuthole phakathi kwamabili. Abantu abathathu, umama namadoda amabili, baboshwe ngokushesha ngesikhathi balethwa esiteshini samaphoyisa ngabeJMPD," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kubikwa ukuthi lo mfana, 3, uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo wayiswa endaweni ephephile. Khonamanjalo laba abathathu bazobekwa amacala okuhlukumeza izingane ngaphansi kodlame lwasekhaya futhi bazovela eNkantolo yesiFunda yaseGoli ngoLwesine, 31 kuJulayi 2025.