Izindaba

Owemidlalo yomoya uzofihlwa ngoMgqibelo

Charles Khuzwayo and Nokubongwa Phenyane|Updated

UMartin Ziqubu

Image: Sigciniwe

OZAKHELE udumo kuKhozi FM nakuZalo, uMnuz Martin Edward Ziqubu, uzofihlwa emathuneni ase-Ottawa, ePhoenix, eThekwini, emuva kwenkonzo ezokuba sebandleni lasemaRomeni, esigcemeni sakwaJ, KwaMashu, ngo-9 ekuseni. Lokhu kudalulwe wunkosikazi kaZiqubu, uNkk Nhlanhla Ziqubu ekhuluma neSolezwe izolo. UNkk Ziqubu uthe odokotela bebengakasho ukuthi umyeni wakhe uthathwe yini.

UZiqubu (68) ushone esendleleni ephuma emhlanganweni ngoLwesine ngezithuba zawo-1 emini. Ngokusho kukaNkk Ziqubu umufi ubephume ekhaya engumqemane kwathi esebuya wavele wacinana maqede waba nenkinga yokuphefumula. 

"Ube esedlulela kudokotela osesigcemeni sakwaM, KwaMashu lapho okufike kwamenela khona."

UNkk Ziqubu uvumile ukuthi  umyeni wakhe uke wahlaselwa yisifo sofuba ngoJulayi 2, waze wanikezwa isifutho kodwa bekungekubi kangako. 

Osabambile ophikweni lwezinhlelo emsakazweni uKhozi FM, uMandla "Mr Gold" Mdletshe uthe balimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kwaleli qhawe ngenxa yokuthi bese besebenze nalo iminyaka engu-26.

UZiqubu, obedabuka eNtuzuma, eThekwini, ungene ekulingiseni ephuma ebuthisheni lapho esebenze khona iminyaka ewu-40. 

Ekulingiseni, abantu abaningi bazomkhumbula nasemdlalweni owawuthi Buchitheka Bugayiwe nakowuchungechunge owawuthi Kusa Kusa, lapho azakhela khona udumo ngokudlala indawo kaNgqongqo. Ushone edlala indawo kaGombela emdlalweni othi Indandatho Yesethembiso. Ngo-2018 ube esengena kwithelevishini emuva kweminyaka esaba ukulingisa khona. Emidlalweni yethelevishini aseke walingisa kuyo kubalwa i-Hostela, Isibaya, Durban Gen, Uzalo, Imbewu, Umjolo:Gone Wrong noNomthawelanga.

Ngo-2022 uZiqubu wahlonishwa ngendondo yekhethelo kuma-Excellence Teachers’ Awards ayeseLuthuli Museum, KwaDukuza. Ushiye emhlabeni umkakhe, indodana enguzinyobulala, uLindisipho nabazukulu ababili, uLindelwa noKhulani.