IMEYA yase-Alfed Duma uMnuz Zama Sibisi
Image: SITHUNYELWE
KUBUYE inhlansi yethemba kumalungu omphakathi waseMhlwaneni kuward 19 eMnambithi ngesikhathi iMeya yakule ndawo uMnuz Zama sibisi ethula ngokusemthethweni usonkontilekla ozolungisa umgwaqo wakule ndawo uMhlawaneni Road.
IMeya uSibisi uthe kuyinto eseqhulwini kubona ukuqinisekisa ukuthi imigwaqo yakule ndawo ibonakala isemgangathweni.
Uthe yingakho bethathe isinqumo sokuba ilungiswe kabusha imigwaqo emibili uMalva Road noMhlwaneni.Ekhuluma ehlangene nomphakathi eDriefontein Community Hall uSibisi uthe umasipala awuhoyo usembhidlangweni wokuqinisekisa ukuthi iyalungiswa imigwaqo yakule ndawo.
Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokulungiswa kwengqalasizinda ekuyamanisa nokwenziwa ngcono kwezimpilo zabantu baseMnambithi.''Siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele yenziwe ibe ngcono ingqalasizinda yethu. Lokhu kulekelela kakhulu ngezindlela ezahlukene. Sifuna ukuthi indawo yethu igcine ibalwa nezinye ezinengqalasizinda esemgangathweni,'' usho kanjena.
Uthe lo msebenzi wokulungiswa kwemigwaqo usazobonakala usabalala ezingxenyeni ezahlekene zaseMnambithi. ''Sihlose ukuthi sisabalele kuzona zonke izindawo ukuze indawo yaseMnambithi izobonakala isesimweni esifanelekile,'' usho kanjena.
Amalungu omphakathi abekede aeyingxenye yokwethulwa kukasonkontileka abonge anconcoza kumasipala ngokusabela kwikhwelo labo.Usonkontileka iSihlahlasiyahluma Construction ugixatshezwe ngomsebenzi wokulungisa uMalva Road kuward 20.
Lona kuhlalukile ukuthi kuzoba umsebenzi ka-R6 million kudaleke namathuba omsebenzi angu-14.Usonkontileka uMuntuza Engineering ugixatshezwe ngomsebenzi wokulungiswa uMhlwaneni Road nakhona umsebenzi okuvele ukuthi uzokuba ngowenani lika-R6 million ebese kudaleka amathuba omsebenzi angu-15.UNkk Zandile Vilakazi uthe kubuye ithemba kubina uma kuqinisekiwa eyokulungiswa kwale migwaqo yomibili.
Related Topics: