Kuboshwe osolwa ngokuba ubhongoza kwelokubulawa kukaSindiso Magaqa
Image: African News Agency (ANA) Archives
KUBOSHWE owayeyisukhulu somkhandlu osolwa ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Lona owayeyisikhulu somkhandlu, igama lakhe engeke lidalulwe kuze kube uvela enkantolo, uboshwe ithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki. Lo msolwa kuthiwa uyena ubhongoza ekuhlelweni kwetulo lokubulala uMagaqa.UMagaqa wabulawa ngo-2017.
Inkabi eyavuma icala lokusoconga uMagaqa, uSibisiso Ncengwa, isanda kugwetshwa iminyaka engu-25 ibhadla ejele.Ngesikhathi evuma icala, uNcengwa wakhipha abanye abantu athi babeyingxenye yokuhlelwa kwetulo lokusoconga uMagaqa.
Abanye abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana, bazovela enkantolo ngo-Okthoba, lapho kuzoqulwa icala labo.Omunye umsolwa, uMnuz Mlungisi Ncalane, kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala emva kokuhlolwa inqondo.