Izindaba

UMsawawa usefukula ngolwazi abasafufusa

Charles Khuzwayo|Published

UMSAWAWA ofukula amaciko asafufusa ngakubo ngenkundla yokucobelelana ngolwazi

Image: SIGCINIWE

ISIHLABANI somculo wekwaito, uSboniso "Msawawa" Dlamini, sizofukula ngolwazi ozakwabo abasafufusa emkhakheni wezobuciko kwiKZN Music Expo eClermont Auditorium Hall, eThekwini, namhlanje phakathi kuka-10 ekuseni no-5 ntambama.

UMsawawa, odabuka KwaDabeka, ngomunye wabaculi ebebevelele ngeminyaka yo-2000, eshisa izikhotha ngenoni elithi Bewungakanani nelithi Bhibo. Uthe inhlosongqangi ukuthuthukisa nokufukula amaciko asafufusa, okungabaculi, ophrojusa nabathandi bomculo.

"KwiKZN Music Expo sizobheka kabanzi izinto ezivamise ukuba yizingqinamba emkhakheni womculo ezinjengokudidiyelwa komculo, ukumakethwa kwawo, ukubhalwa kwengoma, ukuba ngumnini wengoma nokuguquguquka kwebhizinisi lomculo."

Uthe abazohambela lo mbuthano bazobuye bathole ithuba lokumbona eqhulula amanoni amadala namasha bese bebona nekhono elizobe livumbululwe ngalolu suku. UMsawawa uthe ngalo mcimbi uhlose ukudlulisela entsheni ulwazi namava awathole emkhakheni womculo selokhu engena kuwo eminyakeni ewu-25 eyedlule. Uthe ukujabulela kakhula ukugubha le minyaka esemculweni ngokucobelela ngolwazi intsha yaKwaZulu-Natal.

Eqhuba uMsawawa uthe kulo mkhankaso, abaculi abasafufusa bazothola nethuba lokuxhumana nabantu asebengongoti kule ndima. Ezinye izinhlangano ezizobe ziyingxenye yabazobe becobelela amaciko ngolwazi yiSouth African Music Perfomance Rights Association (Sampra) neKumisa, okuyizinhlangano ezizobe zichazela abaculi kabanzi ngokubhaliswa komculo, ukuhlomula ngawo nokunye.

UMsawawa, owangena emculweni eneminyaka eyisikhombisa, wumculi owuzungezile umhlaba futhi wawola inqwaba yezindondo kuleli nasemazweni angaphandle. Njengamanje unenhlangano yakhe, iMsawawa Youth Foundation afukula ngayo intsha futhi usenenkampani yakhe yokuqopha. Emculweni usayibambile insimbi ishisa njengoba ekhiphe ingoma ayenze noVukani Khoza esihloko sithi Izandla Phezulu, apike kuyo umlingisi woZalo uCalvinator. Umatasatasa nokuqopha ifilimu ekhuluma ngomlando wakhe emculweni.