Izindaba

Kusize umphakathi izigora zibafuna ngaphandle komuzi

Zimbili Vilakazi|Published

Ifenisha

Image: Supplied

USIZWE wumphakathi, ovele washaya phansi ngonyawo, wathi awuyi ndawo umndeni wakwa-F, KwaMashu, eThekwini, okuthiwa ubusuthunyelwe ngommeli ukuthi uzokhishwa ngodli endlini.

Ngokusho komnikazi womuzi osemthethweni, uNksz Ntokozo Mlambo (60), bavuswe ngummeli obathelekele nezigora, ezizame ukukhipha impahla yabo ngodli, "enye yaze yonakala".

Elandisa ngodaba, uthe luwumbango owaqala ngo-2012, abesezitshela ukuthi sewadlula kuwo.

Echaza, uthe kwakungu-2011 ngesikhathi yena nendodana yakhe bethola ukuthi indlu eyikhaya labo, isihlobo sesiyidayisele omunye umuntu.

Uthe lolo daba lwaze lwangena enkantolo ngo-2012, lwadonsa, waze waluwina ngo-2020.

“Emva kwalokho, ngibuye ngaphumula ngokuthula ngizitshela ukuthi sekudlulile njengoba sengizohlaselwa manje,” kusho uNksz Mlambo.

Usole isihlobo sakhe asidalule ngegama, ethi yiso esakhwabanisa imininingwane, sadayisa umuzi wakubo, yena engazi.

Edweba isithombe ngalona wesifazane (76), uthe waqokwa wumndeni ukuthi azomgada emva kokushona kukayise ngo-1981.

“Ngesikhathi kushona ubaba ngangimncane, ngifunda nesikole. Kwavunyelwana ngokuthi kuhle ngitholelwe isihlobo esizohlala nami, singigade njengoba ngangingeke ngikwazi ukuhlala ngedwa,” kuchaza uNksz Mlambo.

Uveze ukuthi lokhu kwenzeka ngoba unina wavele waduka ngenxa yokuthikamezeka emqondweni, kanti izingane zakwabo zasezivele zishonile.

“Lona okwathiwa akazohlala nami wumzala wami. Angazi wayiphambanisa kanjani imininingwane yetayitela, washutheka igama lakhe kulo, wase edayisa umuzi ngaphandle kokubazisa,” usho kanje.

Uthe ngokwetayitela elidala, amagama ayevela kulo kwakungelikayise nelikanina, bese kuvela elakhe, elomfowabo nodadewabo asebashona.

“Njengoba wonke umuntu engasekho, kwasala mina, umuzi kwase kuba owami ngokomthetho,” kusho uNksz Mlambo.

Uthe nakuba engasakhumbuli kahle kodwa leso sihlobo, sahamba kubo phakathi kuka-2002 no-2004.

Uthe wezwa kuthiwa sesihlala KwaDukuza, kanti umuzi saze sawudayisa ngo-R35 000 ngo-2011.

Uthe ebebemkhipha endlini, kusewumndeni ofanayo, owathenga indlu ngaleso sikhathi.

“Sengixakwa wukuthi yini abazongikhiphela yona endlini ngoba icala ngaliwina enkantolo ngo-2020?” kusho uNksz Mlambo.

Uthe akwehlanga kahle kuye ukuthi kugasele ummeli nezigora, ezozama ukubakhipha endlini.

“Ngibonga umphakathi ovele wagcwala egcekeni, wathi angiyi ndawo futhi akekho umuntu ozokhipha izimpahla zami ngaphandle komuzi,” kusho yena.

Uthe kuze kwafakaza ngisho izakhamuzi ezazi kangcono ngomthetho, ezithe isikhonzi senkantolo kuphela esinelungelo lokukhipha umuntu endlini. 

Ummeli, uMnuz Ayanda Mkhwanazi, ucacise ukuthi ubengayile ukuyokhipha umndeni ngenkani, wathi izigora okuthiwa ubehamba nazo, ngabaqaphi bakhe.

“Bengiyoxoxa nabo ngokuthi isinyathelo esesizolandela emva kwencwadi engibabhalele yona ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, wukuya enkantolo ukuze kuzongenelela isikhonzi senkantolo,” kusho uMkhwanazi.

Uthe yena uqale ukusebenza udaba ngenyanga edlule, ikhasimende lakhe licela usizo ngodaba, wathi lamendlalela konke ngokuthi umuzi lawuthenga esihlotsheni ngo-2012, kodwa kuze kube yimanje lisalwa indaba yokungena emzini walo.

“Lingikhombise nesinqumo esenziwa yinkantolo ngo-2014, ukuthi akawukhiphe umndeni. Ngikuqinisekise nenkantolo lokhu, ngathola ukuthi isinqumo sisamile, ngabe sengiyaqala ukusebenza ngayo,” kusho uMkhwanazi.

Udalule ukuthi ngokwamaphepha, ikhasimende lakhe lawuthenga ngendlela eqondile umuzi futhi linalo ilungelo lokukhipha umndeni wakwaMlambo, wathi okwawo wukuthi uye enkantolo uyocela kwenziwe isibuyekezo esizovundulula ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi isihlobo sibe namandla okudayisa umuzi wabo.