ABAMANGALELWA ecaleni lokubulawa kuka-AKA, kusuka kwesobunxele oMnuz Lindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni noMnuz Lindokuhle Lindo Ndimande
Image: NOMONDE ZONDI
LIPHINDE labambezeleka futhi icala lokubulawa kwalowo owayengumrepha, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe owayengumpheki odumile, uTebello “Tibz” Motsoane eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
Lokhu kuze emva kokuvela kokuthi kusekhona izitatimende ezisashoda, uMbuso okusafanele uzilungise kahle.
Phakathi kwazo kukhona imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu, ubufakazi obaqoshwa amakhamera, izitatimende zasemabhange zabo bonke abamangalelwa kanjalo nezincwadi ezifungelwe zofakazi abangu-45 abazobizwa ukuthi bazofakaza kuleli cala.
U-AKA noTibz badutshulwa, bafa ngaphandle kwendawo yokudlela iWish eyayisemgwaqweni odumile eThekwini, uFlorida ngoFebhuwari 2023. Le ndawo umnikazi wabuye wayivala, ekhala ngokuthi ayisenzi kahle kulandela isigameko.
NgoFebhuwari wonyaka odlule amaphoyisa abopha oMnuz Lindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande.
Babekwe amacala okwakha itulo lokubulala, elokubulala nelokuzama ukubulala.
Ngaphezu kwalaba abahlanu, kukhona izelamani ezimbili, oMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMalusi Dave Ndimande, nazo ezisolwa ngaleli cala kodwa ezisaseSwatini. UMbuso usalwa indaba yokuthi zibuyiselwe kuleli, ukuze zizojoyina ozakwabo ecaleni. INkantolo yeMantshi KwaManzini, eSwatini, yanquma ukuthi laba ababili babuyiselwe kuleli, kodwa bona bafaka isicelo sokuthi lesi sinqumo sibuyekezwe.
UMbuso, ngomlomo ka-Advocate Elvis Gcweka uveze ukuthi kusekhona izitatimende ezisadinga ukulungiswa kancane.
UMbuso uphinde waveza ukuthi ngaphezu kofakazi abangu-45 okuqinisekiswe ukuthi bazobizwa, kukhona abanye abazonezelwa.
Abameli babamangalelwa babe sebenza isiphakamiso sokuthi uMbuso ubahlinzeke ngamagama kanjalo nemininingwane yalabo othi uzobengeza.
Ijaji, uNkk Jacqueline Henriques, lithe lokhu kukhomba ukuthi icala alikakulungeli ukuthi liyiswe esigabeni sokuba kumenyezelwe izinsuku elizoqulwa ngazo.
Icala lihlehliselwe u-Agasti 13 kulo nyaka ukuze inkantolo imemezele ukuthi lizoqala nini ukuqulwa.
Nakuba kulindeleke ukuthi uNkk Henriques azimemezele kahle ngo-Agasti izinsuku zokuqulwa kwecala kodwa kuvele ukuthi kuzobe kuwunyaka ozayo.
Related Topics: