UKHOZI lulimele kuldula emhlabeni omunye wabalingisi abaqavile uMartin Edward Ziqubu
Image: FACEBOOK
UKHOZI FM lugqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni obeyiphimbo lezinhlelo zalo futhi elingisa emidlalweni yomoya, uMartin Edward Ziqubu.
Izindaba zokushona kwaleli ciko, elazakhela kakhulu udumo ngokulingisa indawo kaNgqongqo emdlalweni womoya obuthi Kusa Kusa, ziqale ukuzwakala ebusuku ngoLwesine. Omunye ozisabalalisile ezinkundleni zokuxhumana ngumsakazi, uDkt Lucky Nkosi.
Kube sekungena nabanye abanjengomlingisi uPuleng Ndlovu noNkanyiso Ngcobo othungathela abalingisi imisebenzi kwiTV, babelana ngombhalo kaNkosi. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali imininingwane egcwele ngembangela yokushona kukaZiqubu (68).
Umufi, obedabuka eNtuzuma, eThekwini, uqale ukulingisa emidlalweni yomoya oKhozini kusukela ngo-1991 emuva kokusebenza njengothisha ezikoleni ezintathu iminyaka ewu-40. Abaningi bazomkhumbula nasemdlalweni owawuthi Buchitheka Bugayiwe.Ngo-2018 ube esengena kwithelevishini emuva kweminyaka esaba ukulingisa khona.
Emidlalweni yethelevishini aseke walingisa kuyo kubalwa i-eHostela, Isibaya, Imbewu, Umjolo:Gone Wrong noNomthawelanga. Ngo-2022 uZiqubu wahlonishwa ngendondo yekhethelo kuma- Excellence Teachers’ Awards ayeseLuthuli Museum, KwaDukuza. Ubenabazukulu ababili.
UMARTIN Ziqubu ushone ngokukhulu ukuzuma
Image: FACEBOOK
UMARTIN Ziqubu enabanye babalingisi bemidlalo yomoya oKhozini
Image: FACEBOOK