Undunankulu uMnuz uThami Ntuli
Image: Sithunyelwe
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz uThamsanqa Ntuli, useyalele abaphathiswa ababili abasematheni ngezinto ezingezihle ukuba balungise imibiko echaza uhlangothi kwabo.
UNtuli uthi uziqaphele izinsolo ezibucayi ezibhekiswe kumphathiswa wezeMfundo, uMnuz S. Hlomuka, nomphathiswa wezeMpilo, uNkk N. Simelane-Mngadi.
Nakuba lezi kuyizinsolo futhi kungekho sinqumo esenziwe, uNdunankulu uthi ukholelwa ukuthi ubuholi obunomthwalo wemfanelo budinga impendulo esheshayo nelinganiselwe.
"Yize lezi kuyizinsolo ezingenabufakazi okwamanje, nginesiqiniseko sokuthi amalungu athintekayo kanye nomphakathi wonkana bazobuqonda ubunzima obungase bube yingozi yokwehla kwesithunzi eminyangweni yabo, uhulumeni wesifundazwe, nakubantu abathintekayo. Ngakho, ngibhalele laba baphathiswa ngokusemthethweni ukuthi balethe imibiko ephelele ehhovisi lami, echaza wonke amaqiniso abalulekile, ingqikithi, nanoma yiziphi izenzakalo zakamuva eziphathelene nalezi zinsolo."
Uthi lolu lwazi luzoqondisa inkambo efanelekile nenesibopho sokuthatha isinyathelo sikahulumeni wesifundazwe, esizokwaziswa esidlangalaleni kuleli sonto elizayo.